USaka noGrealish bakhangile kuwina i-England

USaka noGrealish bakhangile kuwina i-England
UBukayo Saka
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

UBukayo Saka noJack Grealish abajwayele ukudlala eqenjini lesizwe le-England, kodwa kuthe um abekinkwa ithuba ngoLwesibili, balisebenzisa kahle. USaka, odlala kwi-Arsenal khona e-England, ubeyophela endlebeni kubadlali beChech Republic.

Lo mfanyana osemncane – uneminyaka engu-19 nje kuphela wenze kwangabonakala ukuthi akajwayele ukudlala kuleli qembu. Futhi ukucacisile ukuthi lihle ikusasa leThree Lions.

Ehlangene noGrealish we-Aston Villa, naye ukhombisile ukuthi usevuthiwe kuleli qembu njengoba naye ebengazibekile phansi.

Nokho kuphinde kwaba nguRaheem Sterling oshaya igoli lokuwina nobese kungelesili kuye kwi-Euro 2020. I-England igingqe iCzech Republic ngo1-0 ngoLwesibii ebusuku eWembley Stadium, eLondon.

Lo mphumela uqinisekise ukuthi iThree Lions iqeda phezulu kuGroup D, yaphinde yazibekisela indawo esigabeni somkhumulajezi.

EzikaGareth Southgate zizodlala nePortugal, France, Germany noma neHungary ngeSonto khona eWembley Stadium emzuliswaneni olandelayo.

ICzech Republic ibenazo nayo iziqubu eziningana ihlasela kodwa udonga lwe-England belulwa ukhasha, luvimbe kwasani esondela emapalini ayo.

Funda nala: Zamsiza zithi ziyamlaya uMosimane iziwengu zeSundowns

Bekugqame kakhulu ukaputeni weManchester United, uHarry Maguire obuya ekulimaleni eqakaleni okumhlalise isikhashana engadlali kwi-England.

I-England iqede kuGroup D ingangenelwanga goli ngemuva kwemidlalo emithathu. Ekhuluma ngemuva komdlalo, uSaka uthe ukunqoba kwabo kwiCzech Republic kufanele ukuba kuthumele umyalezo ocacile kwamanye amaqembu.

Uthi kumele azi manje ukuthi akulula neze ukuhlula i-England eWembley Stadium. “Kubalulekile ukuthi sibelapha eWembley uma sesidlala imidlalo yomkhumulajezi,” kusho uSaka.

“Sesinqobe kakhulu lapha, ukuba khona kwabalandeli bethu kusinika umdlandla. Osekusele nje ukuthi sizimisele nami ngingedwa nje kufanele ngizimisele ngokweqile khona bezojabula abalandeli.”

Ukudlala kahle kukaSaka kuchaze ngisho uGary Neville owayedlala kwi-England kudala, wathi ufundise ozakwabo abathola ijezi ngaphambi kwakhe okumele bakwenze ngebhola.

UNeville, osengumhlaziyi kwi-ITV, uthe: Ngethemba ukuthi uPhil Foden, njengoba ebengaphandle ngenxa yokumiswa, ubembukisisa uSaka kulo mdlalo. USaka ubeka ibhol;a onyaweni ngaso sonke isikhathi bese eya nalo kubantu.

“Yilokho ebesikulindele kuFoden emidlalweni emibili yokuqala kodwa asikubonanga. Siyamazi ukuthi unekhono elanele ukukwazi ukukwenza lokhu.” Sekuzothatha amehlo ukubona ukuthi umqeqeshi, uGareth Southgate uqhubeka noSaka noma ubuyela kuFoden emdlalweni olandelayo.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.