Ube yiqhawe uXoki ngamagoli amabili asize Usuthu kukubi ila iCeltic

UTapelo Xoki oshaye amagoli amabili AmaZulu ebhekene neBloemfontein Celtic koweligi ejabula nozakwabo ngoLwesibili

SIHLE NDLOVU

AmaZulu FC (1) 4

Bloemfontein Celtic (1) 3

AmaZulu FC akhombise ukuba namandla kakhulu uma edlalela eJonnson Kings Park Stadium, ngesikhathi eshaya iBloemfontein Celtic, ebivakashile, emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ntambama.

Empeleni ezikaBenni McCarthy ziqale umdlalo zishelela kakhulu, zifika kalula nje engxenyeni yePhunya Sele Sele. Bekubhoke uSiyethemba Sithebe obexhumana kamnandi no-Augustine Mulenga benoSiphelele Mthembu phambili.

Ukuyinyathela kahle koSuthu kusheshe kwathela izithelo ezinhle ngomzuzu ka-13 ngesikhathi uMulenga ebeka phakathi igoli lokuqala ngemuva kwesibhudubhudu ebhokisini.

Kube sengathi kukhona lapho beyithinte khona iCeltic ngemuva kwaleli goli, njengoba ivele yavuka indlobane, kuyiyona ebisephethe umdlalo. UMotebang Sera ufike kabili ezintini zoSuthu, ngomzuzu ka-19 noka-28 kodwa wamthola emlindele unozinti weqembu lasekhaya, uVeli Mothwa.

Nokho iCeltic ayizibekanga phansi njengoba iqhubekile nokuhlasela. Lokhu kuholele ekutheni uHarris Tchilimbou ashaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-30.

Aphinde abhukula futhi AmaZulu sekuzophela isiwombe sokuqala. USithebe uzame kabili ukuthola igoli kodwa wageja kancane kuwona womabili amathuba, umdlalo washintsha ngo 1-1.

Usuthu lubuye ngamandla kusacaca ukuthi uSithebe akayizwa iCeltic. Ngomzuzu ka-52 ibhola eligotshwe uMthembu lithola uSithebe walibeka phakathi lwaphinde lwahamba phambili Usuthu. Kuphele imizuzu emine AmaZulu athola iphenathi ngemuva kokudlaliswa kabi kukaMulenga. UTapelo Xoki akalenzanga iphutha wayiqabulisa inethi kwaba ngu 3-1.

USithebe uphume eselimele indawo yakhe yathathwa nguMbongeni Gumede ngomzuzu ka-57. Yilapho iqale khona ukukhululeka iCeltic, izama ukuthola igoli lokuvala igebe.

Ngomzuzu ka-77 uVictor Letsoalo ubuyise ithemba ezivakashini eshaya igoli elenze kwaba ngu 3-2. Lokhu kwenze ukuthi uBenni ahlale ngesinqe esisodwa ebhentshini loSuthu.

Kuthe lapho AmaZulu esecabanga ukuthi ahambe nawo amaphuzu amathathu kwaqhamuka uTchilimbou ngomzuzu ka-89, washaya igoli lokulinganisa, kwathula nya ebhentshini loSuthu.

AmaZulu athole ifree kick ngomzuzu wokugcina ngci kwebeyengeziwe, uXoki wayibeka phakathi lwawina kanjalo Usuthu.

sihle@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *