UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter
Kukholakala ukuthi yenze imali eshisiwe iVodacom Bulls ngoTrevor Nyakane osayine inkontileka neqembu laseFrance iRacing Metro.
Lo mdlali wamaBhokobhoko uzohlala kwiRacing kuze kube yingemuva kweNdebe yoMhlaba ka-2023.
Kuvela ukuthi cisho kukhokhwe imali enkulu kunayo yonke eyake yakhokhelwa iqembu laseNingizimu Afrika elaphesheya ngomdlali, ngokusho kweSuperSport Blitz.
UNyakane ubenenkontileka ebizophela ngo-2023 neBulls kodwa wase eshelwa yileli qembu laseFrance ngesikhathi amaBhokobhoko evakashele e-United Kingdom muva nje.
Kuvunyelwane ngokuthi kumele ajoyine leli qembu ngokushesha.
IRacing ibe isixhumana neBulls yathi izimisele ngokumthenga lo mdlali yize ebesenenkontileka neqembu lasePitoli.
NgoLwesine kumenyezelwe ngokusemthethweni ukushiya kukaNyakane kwiBulls.
Yize iBulls ingeke ikuveze ukuthi ithole malini ngalo mdlali kodwa njengoba ebesasalelwe iminyaka emibili kwinkontileka yakhe, ikhonjwa ku-R5 million imaliathengwe ngayo.
Lokhu kungasho ukuthi yimali enkulu kunayo yonke eyake yakhokhelwa umdlali wakuleli yiqembu laphesheya.
FUNDA NALA: UJordaan ucikekile isenzo sabaseGhana, naye wagadla ebabiza ngamavukana
UNyakane udlala kahle kakhulu kulezi zinsuku kwiBulls kanjalo nakumaBhokobhoko. Ungumdlali obaluleke kakhulu eqenjini lesizwe ngoba ukwazi ukudlala kuzo zombili izinhlangothi ze-scrum.
Uyiqalile yomithathu imidlalo yamaTest ngoNovemba e-United Kingdom kanti uwine neNdebe yoMhlaba ngo-2019.
IRacing ifuna ukuqinisa iscrum sayo kanti kuvela ukuthi inezingxoxo no-Anton Bresler waseNamibia.
UNyakane usedlale amaTest angu-54 kumaBhokobhoko, imidlalo engu-82 kwiBulls, kanti engu-10 uyidlale kwiCurrie Cup.
Ngaphambi kokujoyina iBulls udlale imidlalo engu-80 kwiCheetahs esazinze eBloemfontein.