Kugwetshwe inkabi esolwa nakwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa

Kugwetshwe inkabi esolwa nakwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa
USenzo Meyiwa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi owesilisa ogwetshwe ngecala lokubulala enkantolo yaseSikhaleni eMpangeni ungomunye wabasolwa nakwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa.

UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana wadutshulwa washona esigamekweni esenzeka ekhweni eSpruitview ngoSepthemba 2014.

WayekhabokaKelly Khumalo owayeyisinqandamathe sakhe ngaleso sikhathi kanti kuze kube manje akucaci okwenzeka okwaholela ekutheni sigcine silahlekelwe yileli qhawe.

Ngonyaka odlule amaphoyisa aveza ukuthi bakhona abasolwa asebeqoqiwe abathinteka ekubulaweni kwakhe.

Nokho bezwakala bekhononda labo basolwa bethi babhececwa ngobende ngoba kukhona abathile abavikelwayo okuyibo abenza lesi sihluku.

Nokho ngoLwesithathu iNews24 ibika ukuthi omunye wala basolwa usevele ulahlwe yicala lokubulala elingahlangene nalesi sigameko sikaMeyiwa.

UFisokuhle Ntuli ulahlwe amacala okubulala ayisithupha okubalwa kubo owayeyikhansela nabanye ababezoba wofakazi kuleli cala.

“Esikwaziyo wukuthi lo msolwa ungomunye wabaphenywa ngecala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.

“Ungumsolwa wesihlanu kulelo cala,”kucashunwe isikhulu samaphoyisa uVish Naidoo esho kanje.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.