Kugxekwa uLee Baxter ngendlela agxavune ngayo uNgcobo

Kugxekwa uLee Baxter ngendlela agxavune ngayo uNgcobo
ULee Baxter
OkaDonga Gumbi

Kukhona abalandeli asebephumele obala ngokuthi bafisa athathelwe izinyathelo umqeqeshi wonozinti kwiKaizer Chiefs uLee Baxter.

ULee, oyindodana kaStuart Baxter osanda kuxoshwa kuleli qembu ugxavune kabuhlungwana uNjabulo Ngcobo ngemuva okuthi enqabe ukuxhawula ku-Arthur Zwane ongumqeqeshi obambile kuleli qembu.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi Amakhosi eguqiswa yiGolden Arrows emdlalweni weDStv Premiership obusePrincess Magogo Stadium ngoLwesithathu ntambama.

Kunemibono ehlukene ngalokhu okwenzekile. Kodwa yize bonke bevumelana ngokuthi lento eyenziwe uNgcobo iwubuhlathi, kodwa imibono iyahlukana ngoLee.

Abanye ababoni bubi abenzile njengoba ebengenelela ebona umdlali edlebeleka enza into engafanele.

Kodwa iningi liyamsola ngokuthi ukube akazange angenelele lento ibingeke ibe nkulu ngale ndlela egcine isiyiyo.

Phela kuvukile kuMapholoba ukuthi waqhathwa njengoba ephenduke kwangathi uzodedela isibhakela esinzima kulo mqeqeshi ngemuva kokumgxavuna ehlombe.

Impempe icoshe eminye yemibono yabalandeli kwiTwitter ngalolu daba njengoba belusematheni cishe usuku lonke.

UBennedict Ngwenya ubhale kanje: “ULee Baxter ubenephutha. Kungani emsukele kanje uNgcobo?

“Engiqonde ukukukusho wukuthi besikuphi isidingo sokulandlea umfana ngaleya ndlela? Angisayiphathi ke eyokumgxavuna.”

UMthandeni Nene uthe: “Indlela aziphathe ngayo uNjabulo ayiyinhle kodwa uLee Baxter wenze isimo saba sibi kakhulu.

“Abaphathi abaxhaphazanayo abenza kanje, bezame ukukuqondisa izigwegwe phambi kwabantu kunokuhlala nawe phansi.

FUNDA NALA: OwePirates ukhala ngeChippa ebidlalela ukungehlulwa bebhekene nayo

“Bekumele amyeke umfana ahlale phansi bese embizela eceleni baxoxe ngasese.” 

UMpangazitha uthe: “Lesi stunxa esibiza ngoLee Baxter size satshelwa uBvuma ukuthi amyeke ngoba umoya usephezulu.” 

U-Abongile yena ubeke kanje: “Abantu sebezama ukusola uLee Baxter, ekubeni uNgcobo kunguye obhedile.

“Empeleni nje mina angikholwa, uZwane naye wenza okufanayo kuStuart. Kuningi okwenzakalayo kwiChiefs kanti nabaphathi bayazibukela nje.” 

USphiwe Dunandlela uthe: “Nami ngingakhohlwa wukuthi ngidlala ezingeni elikhokhelayo uma kungaba khona ongigxavuna kanje.

“Akusho lutho ukuthi bangobani. Le ndlela yokuziphatha kaLee Baxter iyanyanyisa futhi akumele yamukelwe. Akusikhona emasosheni la.”

UNungu Sompisi yena ubeke kanje: “ULee Baxter ugxavune uNJabulo, ngodlame emsonsa ngejezi. UNgcobo ubephuma emdlalweni la enze khona iphutha elibi elidale igoli.

“Ubengekho esimweni esihle ngokomqondo. Akaziphathanga kahle kodwa nginenkinga ngendlela agxavunwe ngayo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *