Kuhlabane uMcCarthy, Shalulile noXoki kweyePSL

UPeter Shalulile weMamelodi Sundowns

MTHOKOZISI MNCUSENI

Kukhonye abaMaZulu FC ngesikhathi kukhishwa imiklomelo yabenze kahle ngaphansi kweDStv Premiership ngenyanga ehlanganisa uJanuwari noFebhuwari.

UBenni McCarthy oshayela umkhumbi woSuthu ukhale wemuka nesigqoko somqeqeshi ovelele kulezi zinyanga ezimbili kwathi ukaputeni wakhe uThapelo Xoki waqokwa njengoshaye igoli eliyingcwenga ukuweldula wonke esikhathini esifanayo.

Ayizange isale ngaphandle iMamelodi Sundowns elokhu izihole njalo kwiPremiership kwazise umgadli wayo waseNamibia ovutha amalangabi kulezi zinsuku uPeter Shalulile uqokwe waba ovelele kubadlali.

Ushaye amagoli amathathu waphinde wakha namanye amabili emidlalweni eyisithupha lo mgadli ayidlale ngalesi sikhathi obekuqokwa ngaphansi kwaso.

Okuqaphelekile lapha ukuthi bobathathu laba abaqokiwe bebeqala ukuhlabana ngomklomelo walolu hlobo.

Kusukela uMcCarthy eqalile ukulolonga kuleli uyaqala ukuqokelwa kulo mklomelo ekubeni noShalulile uhlabana ngawo okokuqala kusukela afika esuka kwelakubo eNamibia.

Kuyezwakala nokho okokaXoki ngoba yena vele akangenele enkundleni ukuyoshaya amagoli kepha ufakelwe ukuvimba izitha uma zizama ukwenza kanjalo (ukushaya amagoli) ngakuMaZulu.

Emidlalweni eyisishiyagalombili edlalwe ngaphansi kwalesi sikhathi abaqokelwe kusona, AmaZulu adle amaphuzu angu-15 ahamba namagoli angu-11 ekubeni engenelwe amathathu nje vo.

Kusukela AmaZulu eshaywe yiKaizer Chiefs ngoJanuwari 13 adlale amahlandla ayisikhombisa engayazi induku lapho ethola imiphumela ezindaweni okungelula ngempela ukuya kuzona ubuye notho.

“Kusukela uMcCarthy efikile kuMaZulu kunoshintsho olusobala kusukela endleleni abasondelene ngayo abadlali nanokuya emidlalweni enzima bafike bakhombise ukungesabi,” asho kanje amajaji ethi qaphu ngalo mqeqeshi.

NgoShalulile kuthiwe ikhono lakhe alihlanganise nokusebenza ngokuzikhandla seliyaziveza manje.

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.