Kuhlawuliswe nePSL ngesikhathi iChiefs itholwa inecala

Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs ihlawuliswe nePremier Soccer League (PSL) ngemuva kokutholwa inecala lokungena kwabalandeli bayo enkundleni ngesikhathi ibhekene neStellenbosh FC.

Abalandeli beChiefs bajabula kwaze kweqa kulo mdlalo, base begulukudela enkundleni nokuyinto eyaphazamisa ukusebenza kwababephethe umdlalo. Nokho lesi senzo sabalandeli bayo sesenze yatholwa inecala kodwa yangasala ngaphandle nePSL.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi iChiefs ivelile phambi kwekomiti lePSL eliqondisa ubugwegwe ukuze iziphendulele ngamacala okungena enkundleni kwabalandeli bayo nokubambezela umdlalo,” kusho umshushisi wePSL uZola Majavu.

“Balivumile icala base behlawuliswa u-R200 000, kanti u-R100 000 uzolingiswa. Kodwa akufanele leli qembu lizithole linecala elifanayo ezinyangeni ezingu-24..

“Okwesibili iligi iyona okwakumele ibhekane nezindleko zedolobha, hhayi iChiefs. Ngakho iligi njengoba kuyiyona eyayihlela konke kwakumele ihlele ezokuphepha ngendlela ehlukile.

“IChiefs iyalelwe ukuthi ikhokhe izindleko zocingo olungaphakathi olwalinywaza abalandeli bayo. Iligi nayo iyalelwe ukuthi ikhokhe izindleko zocingo olungaphandle olwalinyazwa abalandeli ngesikhathi bengena enkundleni.”

Kuyinto engavamisile ukuthi kuhlawuliswe nePSL uma kungene abalandeli enkundleni. Nokho uMajavu uchazile ukuthi kungani kwenziwe lokhu.

“IChiefs nePSL bayalelwe ukuthi babe nesithangami nabezindaba lapho bezodlulisa umyalezo kubalandeli mayelana nale ndlela yokuziphatha. Kubonakele ukuthi ukuhlawulisa iqembu kuphela kulesi simo akwanele yikho nje nePSL kuthiwe akube khona ekwenzayo ukuthumela umyalezo kubalandeli,” kuphetha uMajavu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *