Kuhlukene imibono ngokuwina kukaBen 10 isicoco seligi neRangers

UBongani Zungu

MTHOKOZISI MNCUSENI

Kuphambene imibono ngokuhlabana komdlali wasesiswini weBafana Bafana, uBongani “Ben 10” Zungu, ngesicoco seligi kwiScottish Premiership neRangers FC, lapho ebolekiswe khona yiqembu laseFrance i-Amiens SC.

UZungu ukwenze lokhu ngeSonto lapho iRangers ebidinga khona iphuzu kuphela emidlalweni esele yeligi eyisithupha.

IRangers inenebule i-St. Mirren ngo 3-0 kwathi iCeltic yahluleka ukunqoba kwiDundee United obuqinisekisa ukuthi leli qembu eliphekwa uSteven Gerrard wodumo kwiLiverpool, lidla isicoco saseScotland okokuqala eminyakeni engu-11.

Ikhasi leBafana Bafana kwi-twitter @BafanaBafana libongele le njini yeBafana ngokuba yingxenye yeRangers engompetha abasha kwiScottish Premiership.

Kulapho-ke okuqubuke khona imibono eyahlukene ngokudla isicoco kukaZungu obekungesokuqala kuyena kusukela efikie e-Europe (uqale ePortugal wase edlulela eFrance njengoba eseScotland).

Babodwa abakhala ngokuthi usiphoxile emazweni yingakho kungelula ukumjabulela kakhulu.

Bakhona ababuza ukuthi useze ujatshulelwa nje uke wadlala yini ngoba bebengamboni.

UZungu uke waphoqeleka ukuhlala engadlali amasonto amabili ezivalele kulandela ukubanjwa kwakhe ephula imithetho yeqembu ethinta i-Covid-19.

Lo mdlali nozakwabo abane babanjwe besephathini nenqwaba yabantu bezijuxuza ekubeni bedonswe ngendlebe ukuthi bangakwenzi lokhu.

Ngendlela lesi simo ebesibucayi ngayo, abaningii bebezitshela ukuthi uZungu ngeke aphinde abonakale enkundleni edlalela iRangers ngemuva kwalesi senzo.

Zijikile nokho izinto uGerrard esemsebenzisa kweminye yemidlalo emqoka ngeledlule.

Lokhu kulandelwe ukuthi afakwe nakwiBafana ezodudulana neGhana neSudan kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon).

U-@viirus7 uthe: “Kufanele ngabe siyamhhewula uma esebuya kwiBafana. Useyosindela ukuthi sikwi-lockdown. Siyambongela kodwa. Ayi uyasiphoxa.

Lokhu kulandelwe ukuthu u @enslin_milan othe: ”Ngaphandle kokubanjwa ephula umthetho akukho okunye akwenzile okumgqamisayo. Siyambongela nokho ngendondo yakhe?

Kungenelele u @geekofcuisine ngokuthi: “Akulona iqiniso ukuthi uZungu akenzanga lutho. Thina njengeqembu siyambonga ngokuthi ubeyingxenye yalolu hambo lwethu. Sigcwele uthando kwi @RangersFC

“Ubengadlali nje!” Ubhale kanje u @Tk_clarence efaka ubuso obuhlekayo. Sakubhuqa waphawula no @maverickLXXXIII ethi: Haha, injalo.”

Baqhubekile abanye bemgcona ngokuthi ubeshikisha ibhentshi kodwa bekhona futhi nabamvikela ngokuthi noma kungathiwani kodwa uzoyithola indondo.

 

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.