Kuhoxiswe isigwebo kwiGallants ivuma ukukhokhela owayedlala kwiChiefs

Kuhoxiswe isigwebo kwiGallants ivuma ukukhokhela owayedlala kwiChiefs
OkaDonga Gumbi

IMarumo Gallants isizokwazi ukuphinde isayine abadlali abasha uma sekuvulwe iwindi kulandela ukuhoxiswa kwesigwebo sayo.

Lokhu kumenyezelwe yileli qembu laselimpopo ngoLwesine ekuseni. IGallants yayigwetshwe ukuthi ingasayini abadlali iminyaka emithathu.

Lokhu kwakulandela ukuxabana kwayo nowayengumgadli weKaizer Chiefs uGustavo Paez isabizwa ngeTshakhuma Tsha Madzivhandila.

“Lesi sigwebo sanikezwa iqembu kulandela ukuhilizisana kwalo nomdlali waseVenezuela uGustavo Paez.

“Iqembu lehluleka ukumkhokhela izimali zakhe ngemuva kokunqamula inkontileka yakhe ngo-2020 kusaphele isikhashana eyisayinile neTshakhuma Tsha Madzivhandila, eyagcina seyibizwa ngeMarumo Gallants. 

FUNDA NALA: Kuqaqamba inhliziyo kowePirates ngokudliwa yizembe kweCosmos

“Kulandela lokhu kuhluleka ukukhokhela uPaez, iMarumo yabe seyigixabezwa ngalesi sigwebo sokungakwazi ukusayina abadlali abasha,” sifundeka kanje isitatimende esikhishwe yiqembu.

“IMarumo yabe seyifaka isicelo sokuphikisana nalesi sinqumo eyasithola siyifa elisuka kwiTTM.

“Ngemuva kwezingxoxo ezithathe isikhathi eside, iMarumo noPaez bavumelene ngendlela yokukhokhelana.

“Lokhu kuholele ekutheni kuhoxiswe isigwebo, okuyinto eqinisekisw eyiFifa encwadini eyithumelele iqembu kuleli viki.”

Usihlalo weMarumo, u-Abram Sello uveze ukujabula kwakhe ngokuthi lolu daba selusombululekile ngendlela evuna zonke izinhlangothi.  

“Siyajabula ukuthi lolu daba lusombululeke ngendlela eyenelisa zonke izinhlangothi okusho ukuthi sesizokwazi ukuhlelela isizini ezayo ngendlela efanele.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.