Kujatshulwe ngathi uncibijane kwiMaritzburg iwina, akajabule umqeqeshi

Kujatshulwe ngathi uncibijane kwiMaritzburg iwina, akajabule umqeqeshi
Abadlali beMaritzburg United
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ubungathi uncibijane eHarry Gwala Stadium ngoMgqibelo ntambama kujatshulelwa ukuwina kweMaritzburg United.

Leli qembu lasemgungundlovu beliwina okwesithathu kule sizini njengoba lishaye iTS Galaxy ngo 1-0 nje.

Le wini ilithathe yaligxumisa yaliqhelisa ezindaweni ezisondelene nezembe njengoba seyisendaweni yesishiyagalombili nje.

Iwina nje iMaritzburg beyisivuthiwe induku njengoba beyishaywe imidlalo emibili kulandelana ngaphambi kokuthi ibambane ne-Orlando Pirates phakathi neviki.

Ibe seyivuka ngeGalaxy ezidonsela kanzima njengoba ingasemsileni nje kwilogi yeDStv Premiership.

Igoli leMaritzburg libe wumkhonto ogwa ekhaya kaBathusi Aubaas kanti lingene emzuzwini wokuqala wesiwombe sesibili.

IGalaxy yiyo ebicindezele kulo mdlalo ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala la bekufanele kuyiwe ekhefini okungenani isinamagoli amabili.

Kodwa ke idlale ngawo amathuba, okuyinto esize ezika-Ernst Middendorp zithole iwini athe ibaluleke kakhulu.

“Lo mphumela wanamuhla usetshenzelwe kanzima. IGalaxy iwuqale kahle umdlalo futhi beyiwuphethe ngesiwombe sokuqala.

“Siqinise ukudlala ngokubambisana ngesiwombe sesibili izinto zaqala zaba ngcono kakhulu. Kube namahlandla amabili noma amathathu la bekumele senze kangcono khona.

“Kukhona la obubona khona ukuthi ukube uphasele omunye noma wehlise umoya ngabe silitholile igoli lesibili.

“Kodwa okuhle wukuthi siwutholile umphumela. Uzokhumbula ukuthi ezinsukwini ezimbili ezidlule besibhekene nePirates la besicindezeleke khona.

“Abanye abadlali bagcine bengakwazi ukudlala kanti abanye abakafikiezingeni elifanele ukudlala umdlalo ogcwele,” kusho uMiddendorp.

Nokho akajabulanga neze lo mqeqeshi ngendlela iqembu lakhe elidlala ngayo futhi ukubeke kwacaca ukuthi liziwinela ngenhlanhla nje.

“Njengamanje sesithole amaphuzu ayishumi emidlalweni eyisishiyagalombili okuyinto okumele siyijabulele.

“Kodwa uma ngibheka indlela esidlala ngayo maningi kakhulu lamaphuzu esinayo ngoba ayikho lento yethu.

“Lowo ngumbono wami oyiqiniso elimsulwa. Kumele sizibeke phansi singaziboni sesenze kangcono.

“Akumele sizibone sesisesimweni sokuthi sesingalwela ukufika endweni ethize kwilogi ngoba indlela esidlala ngayo ayigculisi neze.

FUNDA NALA: UBophela usefuna ukulidla unomphela ijezi kwiBucs

“Khona kukhona okuhle okubonayo kubadlali ngamunye okwenza ube nethemba lokuthi kuzogcina kuhlanganile.

“KUnabadlali bethu abamqoka ababuyayo maduze njengoPhumlani Ntshangase noClayton Daniels, Keagan Ritchie noFaris Hachi abazokwenza umehluko.

“Sizobona sibasebenzisa kanjani ukuzama ukwenza indlela esidlala ngayo ibe ngcono kunalokhu eyikho.

“Kodwa nje kule midlalo emibili edlule, owePirates nalo wanamuhla neGalaxy ukuthola amaphuzu amane kuyo yinto enkulu,” kuchaza uMiddendorp.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.