SIHLE NDLOVU
Kungase kube khona ukuphoxeka okukhulu kubalandeli bebhola baKwaZulu-Natal abesebejabubelala ukuthi iRoyal AM egijima kwiGladAfrica Championship izonyukela kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.
Kube nokujabula okukhulu kubaphathi beRoyal AM ngemuva kokuthi beshaye i-University of Pretoria ngo 2-1 ngempelasonto.
Lokhu bekuchaza ukuthi leli qembu laKwaZulu-Natal lizoya emdlalweni wokugcina wesizini lidinga iphuzu elilodwa kuphela ukuze libe ngompetha beGladAfrica Championship.
Nokho ukudla kushintshile epuletini ngoLwesithathu ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi iSekhukhune United iwine icala ebilifakele iPolokwane City.
I-PSL Disciplinary Committee ihlawulise iCity ngokuhluleka ukudlalisa abadlali abahlanu abaneminyaka engaphansi kuka-23 ngesikhathi ibhekene neSekhukhune.
Ngokwephula umthetho iPolokwane iphucwe amaphuzu amathathu namagoli amathathu kwanikwa iSekhukhune.
Lokhu kuchaza ukuthi iSekhukhune isiyalingana neRoyal AM ngamaphuzu (angu-50) kodwa leli qembu laseLimpopo yilona eseliqhwakele ngenxa yomehluko wamagoli.
Akubukeki kuyizindaba ezinhle lezi kwiRoyal AM njengoba kuzodlalwa imidlalo yokugcina yesizini kwiGladAfrica ngempelasonto.
ISekhukhune United izobhekana neJDR Stars eSoshanguve Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Ngesikhathi esifanayo iRoyal AM izobhekana neCape Town All Stars eChatsworth Stadium.
Uma iSekhukhune iwina umdlalo kuzosho ukuthi isingompetha beGladAfrica Championship. Ukuwina kweRoyal AM ngeke kuyisize ngalutho ngoba izogcina isandaweni yesibili kwilogi.
Okungathandazelwa abeRoyal AM njengoba sekunje ukuthi iSekhukhune ishaywe bese yona (iRoyal AM) iwine noma idlale ngokulingana.
Bekuyisimo esihlukile ukuthi iRoyal AM ibizoya emidlalweni yokugcina kusezandleni zayo ukuthi iwine umdlalo wayo bese iba ngompetha.
Njengamanje seyithembele ekutheni iJDR ingashaywa yiSekhukhune bese yona iwina ukuze inyuke. Akungabazeki ukuthi leli cala lePolokwane neSekhukhune lizosusa omkhulu umsindo ekugcineni.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA