Kukhala isicathulo sikaMotsepe ebholeni laseMzansi nelase-Afrika

UPatrice Motsepe umengameli weCAF
Sihle Ndlovu

Ukumemezela kwePremier Soccer League (PSL) isivumelwano esisayine neMotsepe Foundation, kushiye abanye abalandeli benemibuzo eminingi kodwa ewuteku.

Umbuzo obubuzwa abaningi owokuthi ngabe ibhola laseNingizimu Afrika selizophathwa uMotsepe lonke yini?

Ngokwesivumelwano, iNational First Division (NFD), ebixhaswe yiGladAfrica seyizobizwa ngeMotsepe Foundation Championship kusukelala ngesizini ka-2022/2023, kuze kube amasizini amahlanu.

Usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, usishayele ihlombe elikhulu isenzo seMotsepe Foundation sokuthuthukisa ibhola eNingizimu Afrika.

“Sibonga kakhulu kwiMotsepe Foundation ngokufaka isandla ekugcineni nasekukhuliseni ibhola laseNingizimu Afrika,” kusho uKhoza esitatimendeni.

“Ngijabula kakhulu ukuthi isicelo sami ebengisifake kwiMotsepe Foundation sokuthi isixhase, samukelwe ngokushesha yize bese kuphuthuma.”

UPatrice Motsepe, ongumengameli weConfederation of Africa Football (CAF), aphinde abe ngumnini weMamelodi Sundowns, ungene ngayo yonke indlela ebholeni laseNingizimu Afrika.

Iligi engezansi kweMotsepe Foundation Championship ibizwa nge-ABC Motsepe okuyigama likababa kaPatrice. Lokhu kuchaza ukuthi iqembu elidla umhlanganiso kule ligi izindondo lizinikezwa uMotsepe.

Elikhala lemuke neChampionship liphinde lithole izindondo nendebe kuMotsepe. KwiDStv Premiership kufana nokuthi kuphethe uMotsepe ngoba iqembu elizidlela amahlanga yiSundowns eseyiwine isococo seligi kahlanu kulandelana.

Uma udlulela e-Afrika iqembu elidla umhlanganiso kwiCAF Confederation Cup neChampions League nalo linikwa izindondo nendebe umengameli weCAF uMotsepe. Kuyazicacela ukuthi okwamanje kukhala isicathulo sikaMotsepe eMzansi kanjalo nase-Afrika.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.