Kukhale imbazo enkulu kwiBaroka yashona phansi

Sihle Ndlovu

Kukhale izembe kwiBaroka FC eshaywe yiMaritzburg United ngo 1-0 emdlalweni wokugcina weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngoMgqibelo.

IBaroka ibidinga ukuthi iwine bese ithandazele ukuthi iSwallows FC ingawini ngesikhathi ibhekene neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngawo uMgqibelo.

IZinyoni zibambane naMakhosi ngo 2-2 kulo mdlalo nokuchaza ukuthi ukube iwinile iBaroka iyona ebizodlala eyokuhlunga. Nokho ukushaywa yiTeam of Choice kuyenze yaqonda ngqo kwiGladAfrica Championship iBaroka.

Ngasohlangothini lweZinyoni zizodlala imidlalo yokuhlunga lapho zizobhekana ne-University of Pretoria, ephume isibili kwiChampionship, neCape Town All Stars ephume isithathu.

IBaroka ivale imidlalo yeligi inamaphuzu angu-25 kuphela emidlalweni emidlalweni engu-30.

I-TS Galaxy iqinisekise ukuthi ayiyi ukuyodlala eyokuhlunga ngesikhathi ishaya iChippa United ngo 1-0 ngawo uMgqibelo ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.