Alfred Ngubane
UZama Buthelezi ongunobhala weSafa eThekwini uhlaba ukungalungiswa kwezinkundla kulo mkhandlu okuyiwoana omkhulu KwaZulu-Natal.
Kukhalwa kakhulu ngesimo seezinkundla eziningi emalokishini akhele iTheku njengoba iningi lazo kungathi yisibaya sezimbongolo ngendlela eziqothuke ngayo.
“Ezinye zazo zigcwele amabhodlela afile, amasango awasekho nezihlalo azisekho… kulokhu singabala inkundla yodumo ehostela laKwaMashu iRotali Stadium okwakuyinkundla yaMaZulu kudala.
“NeWema Stadium yona kwakuyinkundla yaMaathol’amanyama, iDurban Bush Bucks. Isimo sazo siyihlazo,” kusho uButhelezi.
Okukhathaza uButhelezi wukuthi amaqembu nomphakathi bacabanga ukuthi lezi zinkundla ziphethwe yiSafa eThekwini kanti ziphethwe ngumkhandlu.
“Kuyasikhathaza kakhulu lokho njengoba izingane azinazo izinkundla zokudlalela emalokishini aseThekwini,” kusho okaShenge.
FUNDA NALA: IPSL ayinazinhlelo zokudlulisela phambili udaba lweChiefs
Impempe ithole ukuthi akubona abebhola kuphela abakhalayo ngokubhacaza kukaamasipala weTheku ekulungiseni izinsiza zezemidlalo.
Kukhalwa esinye isililo nangamaSwimming Pool anganakakelwa nangasebenzi emalokishini.
Kukhona eseNtuzuma esiphenduke indawo lapho kuzogcaluzela khona amakati nezinja kanti nephunga lakhona liyenyanyisa.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini lezi zinkundla bezinakekelwa kahle manje sezaphenduka ihlathi lolozi. Itheku ngomunye umkhandlu onezakhamuzi eziningi kakhulu kuleli.