Kukhishelwane izibhamu emhlanganweni wabezamankomane eKZN

Kukhishelwane izibhamu emhlanganweni wabezamankomane eKZN
Alfred Ngubane

Kucishe kwaphuma izidumbu emhlanganweni webhodi lesigungu esengamele ezamankomane KwaZulu-Natal njengoba kuqubuke impikiswano kwaze kwakhishelwana izibhamu.

Lo mhlolo uhletshelwe Impempe ngomunye wabebewuhambele kodwa onxuse ukuba singalivezi igama lakhe ukwenzela ukuzivikela ekubeni yisitha kulaba abebethe le ndaba ayigqitshwe.

Uthi bekuhlaselwa umndeni wakwaMalinga ngezinsolo ezithile nokuyilapho okuqale khona ukuhilizisana kwaze kwagcina sekuphume nesibhamu.

Kulo mhlangano bekuzozanywa ukuxazulula izinkinga ezibhene nesibhakela eKZN kodwa uphenduke inkundla yokulwa, kungekho ofuna ukulalela omunye.

“Akekho obezibeke phansi njengoba bebehilizisana kuphma namazwi angemahle ongeke uwalindele kubantu abangabaholi ezingeni elikhokhelayo lesibhakela.

“Lento angiboni ukuthi ikhona indlela engalungiseka ngayo futhi ingase igcine ixoshe kwabona laba baxhasi abayingcosana abasekhona esibhakeleni.

“NoMnyango wezeMidlalo ngibona uzogcina ngohosha imfe njengoba kumantayintayi kanjena nje,” kusho lo mthombo.

“Lesi sifundazwe sesiphenduke ihlathi nje… Kuyaliwa, kunemibango engapheli. Bengithi kuhamba kahle manje kujikile ukudla etafuleni.

“Amabhokisa asephenduke inj’ebomvu njengoba engazitholi izimpi. Alambile njengoba ethembele ekulweni amaningi awo manje awasenzilutho,” kucacisa lo mthombo ngezinkinga ezibhekene nalo mdlalo.

FUNDA NALA: Kuxabene ubendle esibhakeleni KwaZulu-Natal

Khonamanjalo kukhona iqeqebana labaphehli bodlame kulezi zinkinga ezikhona esibhakeleni eKZN elihlulwa ukulungisa izinkinga zalo.

“Babe sebehamba behaqa amanye amajimu nabanye abahleli abanganayo inkohlakalo. leli qeqebana liholwa ngomunye wabahleli bezimpi onodlame nobushinga.

“Nguye oxova kakhulu isibhakela futhi uhamba buze ngoba akazi lutho. Usephenduke idungamuzi ekubeni kwakuthenjwe ukuthi uza nokungcono,” kuphetha lo mthombo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.