Kukhonye iTUT kowamanyuvesi kwiHollywoodbets Super League

Gabonnelwe Kekana Super League Hollywoodbets
UGabonnelwe Kekana
UMBIKO: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

Kukhonye iTshwane University of Technology eyehlule i-University of Johannesburg emdlalweni weHollywoodbets Super League ngeSonto. Lo mdlalo bewubhekwe ngabomvu kwazise womabili lamaqembu abukeka ezogcina eyingozi kule ligi.

Ikhombisile ke iTUT ukuthi isekhaya kulo mdlalo. La maqembu aqede isiwombe sokuqala kungabonwa magoli njengoba belingekho elifuna ukugoba uphondo kuwo.

Kodwa iTUT idlale kahle kakhulu njengoba ithole amathuba amaningi kodwa yahlulwa ukuwasebenzisa. Itshengisile ukuwalangazelela amaphuzu aphelele.

Lo mdlalo wonkhaya uhlabe umxhwele abalendeli bebhola njengoba bewusezingeni eliphezulu. Zivovane inkani kwaze kwacishe kwaphela isikhathi.

NguGabonnelwe Kekane oqhamuke seuvalwe amehle washaya igoli elehlukanise la maqembu amabili ngemizuzu yokugcina. Ngaphandle kwaleli goli alishayile, uKekane uphinde waba ngumdlali ovelele kuwo lo mdlalo.

Lo mphumela ubeka endaweni enhle leli qembu lasebesifazane baseTshwane njengoba nakwilogi benyukele endaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-16 ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili.

I-UJ yona isahlezi endaweni yesishiyagalombili ngemuva kwemidlalo efanayo. Inamaphuzu ayisishiyagalombili.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.