Kukikizwe eSoweto i-All Stars ibamba AmaTuks kweyokuhlunga

Kukikizwe eSoweto i-All Stars ibamba AmaTuks kweyokuhlunga
UThabang Sibanyoni we-University of Pretoria no-Athini Jobodwana we-All Stars
OkaDonga Gumbi

Kufakene ukuba kuqhube umkikizo eSoweto ngesikhathi iCape Town All Stars yenzela iSwallows FC yakule ndawo ufefe ngokubamba i-University of Pretoria emdlalweni wokuhlunga ngoLwesithathu ntambama.

Umqeqeshi weTuks uTlisang Motaung nokho akalilahlile ithemba nengoba ethi basangakwazi ukushaya iSwallows bese benyuka.

Nokho ukube bebewinile kule mdlalo obuseTuks Stadium ngabe yibo abasethubeni elihle kakhulu lokwenyuka manje.

ISwallows sekumele ishaye i-All Stars eKapa ngoMgqibelo bese ibambana neTuks ngoLwesithathu oluzayo ukuze ibuyele kwiDStvPremiership.

Umdlalo ubungelula kuwo womabili amaqembu futhi abelingana ngokubamba ibhola kodwa AmaTuks yiwona abekhombisa ukuba yingozi.

Kusheshe kwacaca nokho ukuthi i-University of Pretoria izolithola igoli ngamaphutha abenziwa Igugu leKapa emuva.

Icishe yalithola ngampela ngesikhathi unozinti uLuther Jacobs ezama ukususa ibhola kodwa lawela kumdlali weTuks.

Ube esezama ukuleqisa kulo nozinti obephumile epalini lakhe, kodwa wakwazi ukuhlehla alifice alichithele eceleni, wabe esezishayisa epalini walimala.  Nokho akubanga kubi wakwazi ukuqhubeka nomdlalo.

Kuthe sekusele umzuzu kuyiwe ekhefini, isitibha uRyan Baartman wazama ukuphasela unozinti kodwa uThabang Sibanyoni wakwazi ukumfaka ingcindezi, waliwina qede walinamathisela enethini.

Kusaphele imizuzu eyisishiyagalombili kubuyiwe ekhefini, uSibanyoni uthole elinye ithuba lokudla inethikodwa wadlala ngalo.

Ubephume yedwa wabhekana nonozinti kodwa wacucuza waze waphuma uJacobs wamhlangabeza wakwazi ukulivimba ibhola lakhe.

Kuthe kusaphele umzuzu ukusuka lapho, iGugu leKapa ladlaa inethi. Lishaywe nguNdiviwe Mdabuka obesanda kungena. Uhlangane nebhola ebeligotshwe kwesokudla, walingqofela enethini. 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *