Kulamule imvula amaProteas edlulela kweyandulela owamanqamu

Sihle Ndlovu

INingizimu Afrika ibe yiqembu lesibili ukudlulela kweyandulela owamanqamu kwiNdebe yoMhlaba, kulandela ukulanyulelwa yimvula ibhekene neWest Indies, eCello Basin Reserve, eWellington, ngoLwesine.

Kulo mdlalo amaProteas aqale kabi kakhulu elahlekelwa amawikhethi abalulekile amane, esenze ama-run angu-22 kuphela. Kusize yona imvula evele layishaya kakhulu sekuwu 61/4.

Empeleni imvula ibivele iphazamise ukuqala komdlalo nokuholele ekutheni umdlalo wehliselwe kuma-over angu-26. IWest Indies iwine ithosi yakhetha ukubhetha kuqala kulo mdlalo.

Iqale ngokuthola iwikhethi ebalulekile kaLaura  Wolvaardt, ophume esenze ama-run amathathu kuphela. Kulandele ekaLizelle Lee owenza ama-run ayishiyagalolunye, kanti uSune Luus noTazmin Brits bathole i-run eyodwa emunye, nabo bakhishwa.

Bekubhoke uChinelle Henry, obesethathe amawikhethi amathathu ngaphambi kokuthi imvula iphinde ihlasele, okuyinto eyisizile iNingizimu Afrika. Ukumiswa komdlalo kuchaza ukuthi amaqembu athole iphuzu womabili.

Leli phuzu lenze ukuthi iNingizimu Afrika ilandele i-Australia ekudluleleni kweyandulela owamanqamu. AmaProteas asenamaphuzu ayisishiyagalolunye, kanti asasalelwe umdlalo wokugcina wamaphuzu azowudlala ne-India ngeSonto.

Ngasohlangothini lweWest Indies akuhambi kahle neze njengoba seyiqedile ukudlala imidlalo yamaphuzu eyisikhombisa. Iqoqe amaphuzu ayisikhombisa nokuyenza ukuthi ihlale endaweni yesithathu kwilogi.

Nokho akusekho ezandleni zayo ukudlulela kweyandulela owamanqamu njengoba izothandazela ukuthi imiphumela yemidlalo esele ivune yona.

Isimo sikhomba ukuthi leli lizwe lingase lingadluleli kweyandulela eyamanqamu. Ukushaywa kwabo yiPakistan emdlalweni odlule yikona okubabeke esimeni abakusona manje.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *