Kulamule uShalulile seyibheke eweni iSundowns ixinwe yiStellies

Abadlali beMamelodi Sundowns bejabulela igoli likaGaston Sirino emdlalweni weNedbank Cup abahlule kuwo iStellenbosch FC ngoLwesithathu

OKADONGA GUMBI

Mamelodi Sundowns (1) 3

Stellenbosch FC (1) 2

Ilanyulelwe nguPeter Shalulile iMamelodi Sundowns isibhekene ngqo nehlazo lokukhishwa emzuliswaneni wokuqala endebeni abayivikelayo, iNedbank Cup ngoLwesithathu.

Bese kusele imizuzu emithathu kushawe amaphenathi ngesikhathi uShalulile eshaya igoli lesithathu leSundowns neliqede nya ngeStellenbosch FC ebingazibekile phansi ifuna ukuyigila iBrazilians.

Kusheshe kwacaca kulo mdlalo ukuthi kuzokwenziwani enkundleni ngesikhathi u-Ashley Du Perez elibasela enethini ebeka iStellis phambili ngomzuzu ka-12.

Kodwa iSundowns ayibanikanga nethuba lokuthi baze bacabange ukuthi bangashiya kukhalwa ePitoli.

IStellies sihambe phambili imizuzu emine nje vo, njengoba kuthe ngoka-16, uPeter Shalulile wabe eseyibuyisela emdlalweni iMasandawana. Maningi amanye amathuba ewakhile iSundowns kodwa yahuleka ukuthi ibhola ligcine lisenethini.

Ngomzuzu ka-34, uGaston Sirino ubethi ushaya igoli ebelizoba ngelizohlale likhumbuleka njengoba eqale ngokujika isitobha, kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni.

ULyle Lakay naye ucishe walithola elakhe igoli sekusesikhathini esengeziwe esiwombeni sokuqala, wazama ukulifihla ekhoneni ibhola lakhe obekuyi-free kick, kodwa uSage Stephens walibona, waliphebezela eceleni kwepali.

Esiwombeni sesibili, iStellies sivele sabuya nestimela sasipaka phambi kwamapali aso, yonke imizamo yeSundowns beyiphelela kuso njengoba cishe bonke abadlali bezivakashi bebehleli emuva.

Bebeyihlasela ngokuzuma iSundowns futhi bacishe bayidida ngasekuqaleni kwesiwombe kodwa babuye balotha.

Yize bakuvalwe thaqa emuva, bekumele ikore iBrazilians ngomzuzu ka-71 kodwa uShalulile washelelela esephambi kukanozinti ibhola lakhe laphelela kuye.

Uphinde wasebenza omkhulu umsebenzi uStephens ephebeza ibhola likaSirino abelishaye ephambi kwepali ngomzuzu ka-74.

ISundowns beyithi seyiqedile ngeStellies ngesikhathi uSirino egcina elitholile igoli sekusesikhathini esengeziwe ekupheleni kwesiwombe. Kodwa kuthe kusenjalo, uPhathutshedzo Nange wawumisa umcimbi eshaya elokulinganisa, ephoqa ukuthi kuqhutshekelwe esikhathini esengeziwe.

NeStellies bese sithembile ukuthi sesiyolahlwa inhlanhla kumaphenathi ngesikhathi uShalulile eqeda umcimbi.

Komunye umdlalo weNedbank Cup odlalwe gawo uLwesithathu, iPolokwane City ishaye iSteenberg United ngo 2-0 ukudlulela emzuliswaneni wesibili.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *