Kulele kwiPirates ukubuyela emidlalweni yeCAF

Sihle Ndlovu

Imidlalo emithathu yeDStv Premiership iyona ezocacisa ukuthi i-Orlando Pirates iyabuyela yini emidlalweni yeCAF ngonyaka ozayo.

EZimnyama ziyeke ithuba lokuzibekisela indawo kwiCAF Confederation Cup ngesikhathi zishaywa yiRS Bersane, yaseMorocco, ngo 5-4 kumaphenathi kowamanqamu walo mqhudelwano ngoLwesihlanu eNigeria.

Ukuphakamisa indebe kweBucs bekuzosho ukuthi izodlala nakanjani kulo mqhudelwano ngonyaka ozayo njengompetha bayo. Nokho sekufanele iPirates ithembe ukuthi izoyiwina yonke imidlalo yeligi esele bese ibuyela kweyeCAF.

IPirates ilele endaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-40 emidlalweni engu-27. Ukuwina yomithathu kungayibeka endaweni yesibili bese kuncike ekutheni ayiwini iRoyal AM uma isibhekene neMamelodi Sundowns.

EzikaMandla Ncikazi nazo zisazodlala neRoyal AM nokuchaza ukuthi konke kuncike kuzona mayelana nokuyodlala kwiCAF.

IBucs izobhekana neMaritzburg United ngoLwesibili emdlalweni weligi, e-Orlando Stadium, ngo-7-30 ebusuku. Ngemuva kwalokho izobe seyitholana phezulu neThwihli Thwahla ngoLwesihlanu eChatsworth Stadium ngo-7.30 ebusuku.

Umdlalo wokugcina izowudlala neSuperSport United eLucas Moripe Stadium ngoMeyi 30, ngo-7.30 ebusuku. Kuzobe sekucacake ukuthi iqeda kuphi kwilogi yePremiership.

EZimnyama zidinga ukuyiwina yonke imidlalo esele okungasenani ziqede endaweni yesithathu ukuze zibuyele kweyeCAF. Konke kusezandleni zayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *