Kulindeleke umbango omkhulu wokusayina uKane e-England

UHarry Kane

SIHLE NDLOVU

IManchester United, iManchester City neChelsea FC, bangase bazithole bebanga ukuthi yiliphi iqembu elizosayinisa kuqala uHarry Kane weTottenham Hotspur ekupheleni kwesizini.

Ngokusho kweSky Sports lo mgadli usetshele iTottenham ukuthi ufuna ukulishiya leli qembu eligijima kwiPremier League ekupheleni kwesizini. UKane kuthiwa ufuna kucace ngekusasa lakhe ngaphambi kokuthi kuqale i-European Championship ngenyanga ezayo.

UKane unenkontileka ephela ngo-2024 neTottenham nento engase ibe yisithiyo eqenjini elizobe lifuna ukumsayinisa. Njengamanje, lo mgadli ongalibheki ipali, ubiza ngaphezulu kuka-100 million pounds.

Ngokwemibiko yakamuva, iMan United, Man City neChelsea sebeke baxhumana nezimenenja zikaKane. Lo mgadli useshaye amagoli angu-22 waphinde wasiza ekwakheni amagoli amahlandla angu-13 kule sizini esongwayo.

Usembangweni weGolden Boot, okungumklomelo asewuwine kabili phambilini, noMohamed Salah weLiverpool naye oseshaye amagoli angu-22 njengoba kusele imidlalo emibili kuphela kuphethwe isizini.

Ngenyanga edlule uKane uthe kuyamphazamisa kakhulu ukuthi akaziwini izindebe neSpurs yize yena njengomdlali kukhona alokhu ekuwina yedwa. ISpurs iyeke ithuba lokuwina indebe yokuqala kusukela ngo-2008 ngesikhathi ishaywa yiMan City kowamanqamu weLeague Cup ngenyanga edlule.

Amahlebezi ngoKane nekusasa lakhe athande ukukhula ngemuva kokuthi iSpurs, ebisesicongweni seligi ngoDisemba, ilokhu yehla kwilogi nokuholele ekutheni iqembu lixoshe obengumqeqeshi uJose Mourinho.

ISpurs esendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-59 mancane amathuba okuthi iqede kwiTop 4 izibekisele indawo kwiChampions League. Seyithembele ekutheni iChelsea (64) neLiverpool (63) balahle amaphuzu.

ISpurs izobhekana ne-Aston Villa ngoLwesibili, bese iyivala ngokubhekana neLeicester City emdlalweni wokugcina wesizini. Komunye umdlalo owumbando weTop 4, ngoLwesibili, kuzobhekana iChelsea neLeicester City.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *