UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
Inkantolo ephakeme yaseGoli isichithile isicelo sikaShauwn “MaMkhize” Mkhize weRoyal AM. UMaMkhize ubephikisa isinqumo sokubekwa kweSekhukhune United njengompetha beGladAfrica Championship.
Kugcine elikaMaMkhize ngemidlalo yokuhlunga iphinde ihlehla: https://bit.ly/3gDqGoL
Icala belingene ngoLwesihlanu kanti isinqumo siphume sekuhlwile, samchitha uMaMkhize okusho ukuthi isinqumos enkantolo ephakele yaseGoli simile.
Lokhu kuchaza ukuthi iSekhukhune ingompetha, kanti iRoyal AM kumele ibuyele emuva iyodlala emidlalweni yokuhlunga neRichards Bay neChippa United.
Leli cala eselixove izinto futhi lafaka iPremier Soccer League (PSL) ehlazweni alinonakali lizophela manje nokho ngoba uMaMKhize usangalidlulisela enkantolo engaphezulu kwalena.
IPSL ithi iya enkantolo nayo iphikisa ukumiswa kweyokuhlunga: https://bit.ly/35zokAX
Kodwa ngexa yalesi sinqumo, imidlalo yokuhlunga izoqhubeka kanti kulindeleke iChippa neRichards Bay badlale ngoMgqibelo. Cishe iRoyal AM sekuzomele idlale neChippa ngoLwesibili, ngaphandle uma iphinde ilidlulisa icala.
Lolu wudaba okucacayo lusazoya kude. Sizoqhubeka silulandele futhi sikwazise ngokwenzekayo ngesikhathi kwenzeka, wena nje hlala ubhekile impempe.com.