Kume umdlalo izikhulu zezempilo zikhipha abadlali enkundleni

izikhulu zezempilo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Facebook

Kwenzeke izimanga sento emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba obubhekwe ngabomvu ngempelasonto umiswa ngoba izikhulu zezempilo zivele zagulukudela enkundleni.

Lesi simanga senzeke emdlalweni weBrazil ne-Argentina okuthe ussanda kuqala kwafika izikhulu zezempilo zizokhipha abanye babadlali.

Kuthiwa abadlali abane be-Argentina bebephule imigomo ebekelwe ukunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19 yingakho izikhulu zezempilo bezizobakhipha nje.

O-Emilliano Buendia, Christian Romero, Emilliano Martinez noGiovani Le Ceslo  bebeke baya e-United Kingdom ezinsukwini ezingu-14 ezedlule ngaphambi kwalo mdlalo obuseBrazil.

Ngokwemithetho yaseBrazil, uma uke wavakashela noma usuka e-UK kumele ufike ugonqe ngaphambi kokungena kuleli lizwe.

FUNDA NALA: Isikhulu seChiefs enkingeni yentela elinganiselwa ku-R90-million

Inhlangano eyengamele ibhola eSouth America, iComebol ithe kulindwe umbiko kanompempe azowuyisa kwiFIFA bese kuba yiyo ethatha isinqumo ngalokhu.

Umdlalo umiswe kusengu 0-0 ngemuva kokuthi lezi zikhulu zibambe ngesidlozana laba badlali zaphuma nabo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.