Kumele ilibonge iphuzu ebuye nalo kwiStellies iPirates

Kumele ilibonge iphuzu ebuye nalo kwiStellies iPirates
Sbongs Gumbi

Kwesinye isikhathi izinto azenzeki ngendlela ofisa ngayo. Lena yinto iPirates okumele iyamukele bese ibonga leli puzu ebuye nalo kwiStellenbosch FC.

EziMnyamnyama zibe nalo ithuba lokuwawola wonke amaphuzu emdlalweni weDStv Premiership eKapa ngoLwesithathu kusihlwa kodwa zadlala ngamathuba.

Kodwa omunye engathi neStellies ibingawuwina lo mdlalo ukube iwasebenzise wonke amathuba ayo. Lokhu kusho ukuthi ukwabelana ngamaphuzu yinto womabili amaqembu azoyamukela.

Kuke kwabukeka sengathi i-Orlando Pirates izobuya nawo ephelele amaphuzu kwiStellenbosch FC, kodwa izinto zabuye zabimba, yabuya nelilodwa.

Futhi nje kumele ibonge iPirates ukuthi kwalona leli elilodwa ilitholile njengoba iStellies beyingezwa mshini nezingane zayo ezincane.

Isimo senkundla – okuwubuncane, umoya nokuthi beyimanzi ngenxa yemvula – senze umdlalo wasinda ikakhulukazi kwiPirates.

Ihlulekile ukulawula umdlalo kanti iStellies beyisebenzisa ukuthi isijwayele isimo njengoba beyikwazi ukudlala amabhola amade.

Umqeqeshi wePirates uJose Riveiro ubeke wakusho ngaphambi komdlalo ukuthi akanankinga nemvula, inkinga kuzoba wumoya ongabaphazamisa.

Nokho iPirates ikwazile ukuvala emuva njengoba beyicindezeleka. Empeleni nje iStellies iziyekele yona ukulishaya kuqala igoli.

Kodwa mhlawumbe kumele kubhekwe nokuthi iningi labadlali bayo basebancane ngakho kubuye kuvele ukuswela kwabo amava.

Igoli lePirates liqhamuke sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini futhi limsizile uNkosinathi Sibisi okunguyena olishayele ngoba ubenamaphutha amaningi ngaphambi kewaleli goli.

Cishe seliyokwenza wonke amaphutha abewenzile asheshe alibaleke. Ukhombise nobuchule ngaleli goli alingqofe kade kuyikhona.

Igoli lokulinganisa leStellies lishaywe nguJunior Mendieta ngesiwombe sesibili futhi ngemuva kwalo bese kucaca ukuthi womabili amaqembu asengalemukela iphuzu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.