IChiefs kumele ilwe ngathi ayinagoli kwiWydad, kusho uRichards

Chiefs kumele ilwe ngathi ayinagoli kwiWydad, kusho uRichards
URene Richards owayedlalela iKaizer Chiefs
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

URene Richards uthi iKaizer Chiefs kumele ikhohlwe ukuthi ihamba phambili ngo 1-0 uma isibhekene neWydad Casablanca, kufanele ihlasele izame ukuthola amanye amagoli. Lena yindlela uRichards abona kufanele lenze ngayo leli qembu ake walidlalela.

Amakhosi azobhekana neWydad emlenzeni wesibili weCAF Champions League eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Emlenzeni wokuqala kuwine iChiefs ngo 1-0 wegoli likaSamir Nurkovic elaqale laphikwa.

Nokho kwathi sekubhekwa ngeVideo Assistant Referee (VAR) kwathiwa yilona futhi ulushaye esendaweni efanele.

URichards oke wayibamba kwiChiefs, uthe ujabulile ngendlela edlala ngayo kwiChampions League kodwa umsebenzi awukapheli. IWydad iyaziwa ngokubuya ivulele isibhaxu emlenzeni wesibili okuyinto eseyenzeke kaningi phambilini.

“Akumele iChiefs ibambelele kulo 1-0 wayo noma ihlale emuva kakhulu. Kumele idlale ibhola elihle elibukekayo nelihlaselayo. Kumele babhukule kakhulu kunakuqala bazame ukuthola amagoli amabili noma amathathu kunokuthi bahlale emuva.

“Yilaphoke engingathi sebengakhululeka babeke igazi phansi kodwa kuzobe kusamele baqhubeke badlale ibhola elihlaselayo. Nginethemba elikhulu ukuthi bazowina ngempelasonto ikakhulukazi njengoba badlalela ekhaya. Ngihamba neChiefs kwiChampions League,” kusho uRichards.

Uma iChiefs iwina ngempelasonto izobe isinesiqiseko sokuthi izobuya nemali engaphezulu kuka-R18 million kulo mqhudelwano. Uma yenza okungalindelwe iwina kowamanqamu, izoba bomvu kakhulu ngoba izokhala yemuke ngo-R35.5 million. URichards uthe iyambusisa indlela eyenza ngayo iChiefs futhi uyibona izokwenza obekungalindelwe.

“IChiefs isenze kahle kakhulu kuze kube yimanje kwiChampions League. Badlala ibhola elihle futhi bashaya amagoli. Badlala njengeqembu futhi banethuba elihle lokuwina umdlalo ngoMgqibelo,” kubeka uRichards.

Amakhosi azoya kulo mdlalo ebambe umoya ngoNurkovic njengoba enamakhadi aphuzi amabili. Lokhu kuchaza ukuthi uma ethola ikhadi eliphuzi ngoMgqibelo ngeke adlale emlenzeni wokuqala kowamanqamu uma iChiefs igcina idlulelile phambili.

Funa nala: Iphinde yangayingena eyokuya emdlalweni iRoyal AM

Akwaziwake ukuthi uArthur Zwane benoDillon Shepard bazothatha siphi isinqumo mayelana nalo mgadli ngoba ubalulekile kakhulu eqenjini. Kodwa njengoba esebuyile uLebogang Manyama, mhlawumbe bazofaka yena esikhundleni sikaNurkovic.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu ngempelasonto kuzobhekana i-Al Ahly ne-Esperance yaseTunisia. Emlenzeni wokuqala kuwine i-Al Ahly ngo 1-0 kudlalelwa eTunisia. Maningi amathuba okuthi kudlule ezikaPitso Mosimane njengoba zizobe sezidlalela ekhaya.

Lokhu kuchaza ukuthi maningi amathuba okuthi kutholane phezulu iChiefs ne-Al Ahly kowamanqamu njengoba la maqembu kuyiwona azoya emlenzeni wesibili ehamba phambili futhi edlalela ekhaya.
EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *