Kumele kudede iPirates uma kwenzeka iChiefs iwina iChampions League

Kaizer Chiefs Orlando Pirates Mamelodi Sundowns AmaZulu Champions League
ULeonardo Castro

UMBONO

UBHALWE: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ngazi kahle ukuthi ababaningi abakholwa wukuthi iKaizer Chiefs ingawina iCAF Champions League ka-2021 njengoba lo mqhudelwano usifinyelele esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.

Bambalwa vele ababecabanga ukuthi Amakhosi angahamba ibanga elide kangaka kulo mqhudelwano, ikakhulukazi uma kubhekwa indlela abebhacaza ngayo kwiDStv Premiership ka-2020/2021.

Nokho igaqile, yacathula, kwaze kwaba yilona lodwa iqembu laseNingizimu Afrika elisele emidlalweni yeCAF.

Ukuwina kweChiefs lo mqhudelwano, okuyinto abanye abantu abayibukela kude kakhulu, kungayiphakamisa kakhulu iNingizimu Afrika. Lokhu kungoba iMamelodi Sundowns ewuwine ngo-2016 ayisekho kulo mqhudelwano.

Nokho impumelelo yeChiefs ingase isho ukuthi AmaZulu FC ngeke ayidlale iChampions League ngoba mabili kuphela amaqembu akuleli adlala kulo mqhudelwano.

Ngesizini ezayo iSundowns, ebe ngompetha beDStv Premiership, izodlala nakanjani kwiChampions League. Uma iChiefs iwina kuzosho ukuthi kumele idlale kulo mqhudelwano ukuze ivikele isicoco sayo.

Lokhu kuzobe kukhahlelela ngaphandle iqembu lakuleli eliqede endaweni yesibili, okuwuSuthu. Kungaba kubi kakhulu ukuthi Usuthu lungayi kule midlalo uma kubhekwa indlela olusebenze kanzima ngayo ngesizini esanda kuphela.

IPirates beyinalo ithuba lokuwina
iConfederation Cup okuyinto
ebizoyenza ibuyele nakanjani
kulo mqhudelwano ngonyaka ozayo

Ngaphandle kwalokho akwaziwa noma AmaZulu ayoke aphinde yini aqede endaweni yesibili kwilogi njengoba izinto zishintsha amasizini wonke kwiPremiership.

Ngokwami ukubona, iqembu okungamele lilale ngenxeba uma kwenzeka imilingo iChiefs iwina, yilelo elilale endaweni yesithathu ngesizini esanda kusongwa.

Ngiyazi kuzothi abangidle bangifele abalandeli be-Orlando Pirates, Angithi yiyo eqede endaweni yesithathu, futhi izimisele ngokubuyela kwiCAF Confederation Cup.

Kodwa uma kukhona iqembu okumele liphoxeke ngokuya emidlalweni yeCAF, akumele kube AmaZulu. Ngiyazi ukuthi iPSL neSAFA bazolinda kuze kube nenkinga. Ngeke nje babhunge lolu daba kungakenzeki lutho.

Ibhola liyagingqika futhi njengoba ake washo uKgoloko Thobejane ‘lingakubulala ufe fi’, Ngakho ngeke kuthenjelwe ekutheni iChiefs ngeke iyiwine iChampions League.

Kumele kube kuqalwa kukhulunywa ngayo le nto nokuthi yikuphi okuzomele kwenzeke. Kukho konke okungaphunywa nakho njengesisombululo, ngeke kubukeke kahle ukuthi iqembu eliphume endaweni yesibili ligcine lingayanga kweyeCAF.

Okungasenani AmaZulu kungamele adlale kwiConfederation Cup kunokuthi ancishwe ithuba lokuyozizwela ukuthi kushisa kanjani ukudlala eyeCAF.

IPirates ibinalo ithuba lokuwina iConfederation Cup okuyinto ebizoyenza ibuyele nakanjani kulo mqhudelwano ngonyaka ozayo.

Nokho njengoba izinto zingahambanga kahle, uma iChiefs yenza okungalindelwe sekungamele iBucs idedele Usuthu. Shwiii!!

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.