‘Kumele sibambe le ndlela esidlale ngayo neSuperSport singabe sisayidedela,’ kusho uManyama weChiefs

okaDonga Gumbi

Kube ngumphumela othathe iKaizer Chiefs wayiphonsa ngasemsileni kuDStv Premiership kodwa uLebogang Manyama ukholwa ukuthi umdlalo wabo neSuperSport United ube yisisekelo sesiqalo esisha kuleli qembu laseNaturena.

Amakhosi adlale kahle kulo mdlalo obuseLucas Moripe Stadium ngoLwesibili ebusuku, yize egcine eguqile uphela ngo 2-1 ngemuva kokuthi u-Itumeleng Khune ephinde wabhacaza eKhisimuza Amatsatsantsa a Pitori ngegoli.

UManyama uthe osekumele bakwenze manje wukukhohlwa wumphumela bese bethatha okuhle abakwenzile bakhele phezu kwakho, njengoba bebheke emdlalweni wabo wokugcina kulo nyaka abazobhekana kuwo neBloemfontein Celtic eFNB Stadium ngoMgqibelo ebusuku.

“Kusiphoxile ukuhlulwa ngendlela okwenzeke ngayo sibhekene neSuperSport,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-30.

“Ngicabanga ukuthi yithina ebesiphethe umdlalo. Indlela esidlale ngayo ngiyacabanga ibiyinhle kakhulu futhi bekungokokuqala sidlala kanjeya kule sizini. Kuningi okuhle esingakuthatha kuloya mdlalo. Ngeke sizixake ngokukhuluma ngamaphutha ngoba ayazichaza wona, futhi nje akumele ngabe siyawenza.

“Kumele sisebenze ngomfutho ofanayo ngoMgqibelo,” kuchaza uManyama.

Lo mdlali wasesiswini, oseke wagijima emaqenjini ehlukene okubalwa kuwo iSuperSport neCape Town City, uthe iCeltic elinye iqembu okungamele balitatazelele ngoba liyingozi enkulu.

“ICeltic ngelinye lamaqembu ayingozi uma ehlasela ngokuzuma. Badlale kowamanqamu (kuMTN8) ngebhadi labo abangawina. Kodwa bavuke bazithatha emdlalweni olandelayo. Bayashesha uma bekuhlasela, bahle uma bephethe ibhola futhi banabadlali ababukhali abafana noNdumiso Mabena, (Tebogo) Potsane no(Lantshene) Phalane. Umgogodla weqembu uqinile kakhulu.

“Kodwa kulele kithi ukuthi sidlale ngendlela esidlale ngayo neSuperSport bese sisebenzisa amathuba, sisheshe sishaye amagoli ukuze siqede ngabo. Ngicabanga ukuthi manje sesisendleleni efanele, futhi sidinga amaphuzu ukuze sisuke ngasemsileni ngaphambi kokuphela konyaka ukuze siqale unyaka omusha sinokuzethemba.

“Ukuzethemba ukuthola ngokudlala kahle, kanti sidlale kahle neSuperSport futhi kumele siqhubeke lapho sigcine khona,” kuphetha uManyama.