‘Kumele sibhudluze iSuperSport ngo 5-0 ukuze sibuyele kwiCaf,’ kusho owePirates

iPIrates
OkaDonga Gumbi

Cishe sekufanele ivele ikhohlwe wukubuyela emidlalweni yeCaf i-Orlando Pirates kulandela ukubambana kwayo neRoyal AM ngo 2-2 emdlalweni weDStv Premiership eChatsworth Stadium ngoLwesihlanu kusihlwa.

Lo mphumela usho ukuthi iPirates sekumele ishaye iSuperSport United ngo 5-0 emdlalweni wayo wokugcina ukuze iqede endaweni yesithathu bese ibuyela keiCaf Confederation Cup.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, umdlali wePirates u-Olisha Ndah ukhale ngokuphoxeka kwabo kwazise bayeke iRoyal AM yabuya kade sebehamba phambili ngo 2-0 esiwombeni sokuqala.

“Ngiphoxekile… angazi ngithini. Bekumele siwine. Yize siphoxekile sisasele nomunye umdlalo ngakho kumele sizithintithe siqhubekele phambili.

“Kumele sithathe okuhle kulo mdlalo bese siwhubekela nakho phambili,” kusho uNdah oqokwe njengomdlali obevelele kulo mdlalo.

Umqeqeshi wePirates uFadlu Davids naye ukhale ngakho ukuphoxeka wathi uzwela kakhulu abadlali ngoba bazamile ukulwa kwala khona ukwenza.

“Ngicabanga ukuthi sikhathalile ekugcineni ngoba asikwazanga ukugcina umgqigqo ebesiqale ngayo. Ngasekupheleni komdlalo bese sixhugela.

“Besibatshelile ukuthi kumele bashaye igoli lesithathu ukuze bayivove inkani iRoyal AM futhi amathuba alokho sibe nawo kodwa asangakwenza.

“Igoli balishaye singasaphelele kulandela ukulimala kukaBen Motswari,” kusho lo mqeqeshi osebenza ngokubambisana noMandla Ncikazi.

“Siyakwazi okumele sikwenze. Kumele sishaye iSuperSPort United ngo 5-0 ukuze sithole indawo yesithathu.

“Ngibuhlungu ngabadlali ngoba bazame konke kwala khona ukwenza,” kuchaza uDavids ngemuva komdlalo.

IPirates isheshe yazibeka ebuhleni kulo mdlalo njengoba ishaye amagoli amabili kungakapheli ngisho imizuzu eyishumi umdlalo uqalile.

Abanye babalandeli bebengakahlali kwaphansi ngesikhathi uDeon Hotto elibeka enethini ngomzuzu wesithathu kulandela umnyakazo omuhle wokuhlasela weBucs.

Ngowesikhombisa uKwame Peprah naye ubhalise igama lakhe ohlwini lwabashaya amagoli kulo mdlalo engqofela phakathi ibhola abelibuyiselwe uHotto.

Kuthe sekusele ngaphezu kancane kwemizuzu eyishumi umdlalo uphele, uThabo Matlaba wabuyisela iRoyal AM emdlalweni ngelihle igoli.

Udonse intambo engaphandle kancane kwebhokisi lePirates wezwa ngenhlokomo yabalandeli uRichard Ofori ukuthi selibhajwe enethini.

Ibona ukuthi amanzi ayangena endlini njengoba iRoyal AM beyisifuna igoli lokulinganisa, iPirates ibe seyenza izinguquko zokuqinisa emuva.

Ikhiphe uThembinkosi Lorchyafaka uWayde Jooste, kwaphuma noBandile Shandu kwangena uHappy Jele endaweni yakhe.

Kodwa akusizanga lokhu njengoba amanzi egcine engenile endlini ngesikhathi uMfundo Thikazi eshaya igoli ngomzuzu ka-93.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.