Kumele silungise eyokuqedela amathuba, kusho oweBanyana

Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, uthi kuzomele bayilungise inkinga yabo yokugeja njengoba iqhubeka iWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON) eMorocco.

Ukhuluma kanjena nje iBanyana izenzele izinto zaba lukhuni ishaya iTunisia ngo 1-0 kwi-quarterfinal ngoLwesine ebusuku. Kulo mdlalo ibingashaya noma amagoli amahlanu kodwa abadlali bakuleli bebehluleka uma sebephambi kwamapali.

“Senze amaphutha amaningi kakhulu. Angazi sibe namathuba amangakhi okushaya amagoli,” kusho u-Ellis.

“Ngisafuna ukuwabona kahle la mathuba esiwalahlile. Bekuwoqekelele bamathuba kodwa sangawasebenzisa. Nokho ekugcineni siya kwiNdebe yoMhlaba.”

Ukuwina kweBanyana kusho ukuthi isizodlala owandulela owamanqamu neZambia ngoMsombuluko. Ngaphandle kwalokho isizibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ese-Australia naseNew Zealand ngoJulayi ka-2023.

“Sizoqhubeka nokusebenza, into esingayenza nje ukuqhubeka nokusebenza kanzima. Nokho konke kuhambisana nokuzethemba,” kusho u-Ellis.

“Esingakwenza nje ukuthi sisebenze endleleni esiqedela ngayo ukuze sibe ngcono emdlalweni olandelayo.”

Uma iBanyana iqhubeka nokugeja uma isibhekene neZambia ingase izisole ngoba leli qembu alikhathali futhi liyazifikela emapalini. IZambia, yiNigeria neMorocco nabo bazibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba. Sisekhona isikhala esisodwa seqembu lesihlanu lase-Afrika.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *