Kumele siqine ekhaya kweyeChampions League: Leonardo Castro

ULeonardo Castro weKaizer Chiefs

SIHLE NDLOVU

ULeonardo Castro weKaizer Chiefs unamava aziwayo uma kukhulunywa ngokudlala imidlalo yeCAF Champions League.

Lo mdlali wayeyingxenye yeMamelodi Sundowns ngesikhathi iphakamisa indebe yeChampions League ngo-2016. UCastro odabuka eColombia ufike kwiChiefs ngo-2018.

IChiefs inomdlalo onzima ngoLwesibili lapho izobhekana neHoroya FC yaseGuinea koweChampions League eFNB Stadium ngo-6 ntambama. Amakhosi azobe edlala okokuqala emidlalweni yamaqoqo kulo mqhudelwano ngemuva kokubhuntsha komdlalo wawo neWydad Athletic Club yaseMorocco.

UCastro ukholwa ukuthi indlela ekahle yokubhekana nobunzima kulo mqhudelwano ukuwina imidlalo yasekhaya.

“Sidlalile ngoMgqibelo (neSuperSport United) sidinga ukuvuka sizithathe kulokho. Sizobona ukuthi badlala kanjani nokuthi kumele sidlale kanjani uma sesibhekene nabo (iHoroya). Siyazi sonke ukuthi imidlalo yeChampions League inzima,” kusho uCastro.

Ngabe yimaphi amava eza nawo lo mdlali kulo mdlalo njengoba ekwazi kahle ukudlala kwiChampions League?

“Sidinga ukusebenza kanzima ukuthola umphumela omuhle. Njengoba ngishilo ngeke kube lula, kumele sihlakaniphe, sidinga ukudlala kahle sinciphise amaphutha. Uma senza kanjalo futhi sishaya igoli kuqala, ngicabanga ukuthi sizowathola amaphuzu amathathu,” kubeka uCastro.

Kuyaziwa ukuthi kunzima ukudlala namaqembu asenhla ne-Afrika ekuhambeni. UCastro naye ukholwa ukuthi kumele bacacise emidlalweni abazoyidlalela ekhaya.

“Kubalulekile ukuqala kahle. Kumele senze isiqiniseko sokuthi imidlalo yasekhaya iba nemiphumela emihle. Siyazi ukuthi uma sithola okungasenani iphuzu ekuhambeni kusuke kwenele,” kuchaza uCastro.

“Kunomehluko ukudlala imidlalo yegili nokudlala kwiChampaions League. Sidlala namaqembu ahleleke ngenye indlela (kwiChampions League). Siyazi ukuthi abadlali basenhla ne-Afrika bade, baqinile futhi banamandla.

“Ozakwethu bebekhuluma ngeHoroya ukuthi uma udlala nayo ekuhambeni kuba nzima kakhulu. Into ebalulekile kithina ukuthi sidlale kahle enkundleni yethu ukuze siwine umdlalo,” kuphetha uCastro.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.