Kuminyene utshumo kwiGladAfrica Championship

UPeter Nyame weRoyal AM

SIHLE NDLOVU

Umbango wokudla ubhedu kwiGladAfrica Championship usuthathe elinye igxathu njengoba sekusele imidlalo emihlanu ukuthi kusongwe isizini.

Okuhlalukayo ukuthi wonke amaqembu ayisithupha aphezulu anethuba lokukhala emuke nesicoco njengoba engashiyani kangakho ngokwamaphuzu.

Lapha sibala iRichards Bay FC (42) eqhwakele, Royal AM (40), Sekhukhune United (37), TS Sporting (37), Free State Stars (37) neJDR (37).

Lokhu kuminyana kotshumo kukhomba kona ukuthi kusazoshunqa uthuli emidlalweni esele, kubangwa elizodla isicoco namabili azodlala imidlalo yokuhlungela ukunyukela kwiDStv Premiership.

Izinto zivuma amaqembu aKwaZulu-Natal okwamanje, okuyiRichards Bay neRoyal AM.

Uma kungaphela imidlalo ilogi yeGladAfrica isemi kanje, iNatal Rich Boyz ingaqonda ngqo kwiDStv Premiership. IRoyal AM ithole ithuba lokunyukela lapho kunoju khona ngokudlala imidlalo yokuhlunga.

Ngempelasonto imidlalo ibukeka izophinde ibe nzima futhi akulula ukusho ukuthi kuyoshaya uMsombuluko i-log seyimi kanjani.

IBay ezihola phambili inomdlalo onzima njengoba izobhekana nePretoria University FC, eRichards Bay Sports Complex Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama. Okungajabulisa uSimo Dladla ocija iNatal Rich Boyz ukuthi bazobe bedlalela ekhaya.

Akuzuba lula nakwiRoyal AM ezovakashela iSteenberg United e-Idas Valley Sports Ground ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Leli qembu laseKZN kumele lizame amaphuzu aphelele noma ukudlala ngokulingana kulo mdlalo ukuze lingashiywa yisitimela esingasalindi qembu njengamanje.

ISekhukhune kulele kuyona ukuthi izokusebenzisa yini ukudlalela ekhaya uma isibhekene noThongathi FC eMakhulong Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Ukungawatholi amaphuzu aphelele kweSekhukhune kulo mdlalo kungayifaka ingcindezi kakhulu njengoba zibheke kumaliyethe manje.

Imidlalo yeGladAfrica Championship

NgoLwesihlanu: Cape United v JDR Stars (Parow Park Stadium, 3pm)

NgoMgqibelo: Jomo Cosmos v Bizana Pondo Chiefs (Tsakane Stadium); Polokwane City v Cape Town Spurs (Old Peter Mokaba Stadium); Steenberg United v Royal Am (Idas Valley Sports Ground); Sekhukhune United v Uthongathi FC (Makhulong Stadium)

NgeSonto: Pretoria Callies v Cape Town All Stars (Bidvest Stadium); Richards Bay v Pretoria University (Richards Bay Sports Stadium); Free State Stars v TS Sporting (Goble Park Stadium)

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.