Kumiswe imidlalo yeCSA Domestic Series ngenxa yokudlanga kweCoronavirus eNingizimu Afrika

Sihle Ndlovu

Isiphinde yagadla kwezwela iCoronavirus kulandela ukumiswa kwemidlalo yeCSA 4-Day Domestic Series, ngoLwesine.

Isinqumo sokumisa imidlalo obekumele idlalwe ngoDisemba 23 sithathwe ngoba isiqale phansi iCovid 19 eNingizimu Afrika. Izinkundla ezisetshenziswa kulo mqhudelwano ezinye zazo zisezindaweni eziyisizinda zeCovid 19.

Umqondisi weCricket South Africa uGraem Smith, uthe: “Ngenxa yokubhekelela ukuphepha kwabadlali, izikhulu nabanakekela izinkundla kweCricket South Africa, nokuhambisana nemigomo kaHulumeni yezempilo nokuphepha, iCSA inqume ukuyihlehlisa imidlalo yokugcina ka-2020.”

“Abadlali bazonikwa ikhefu elide kuze kuqale iMomentum One-Day Cup ngoJanuwari 8, 2021. I-CSA izibophezele ekunqandeni ukubhebhetheka kweCovid 19 ngo-2020/2021, njengoba imidlalo emibili yamaTest phakathi kweNingizimu Afrika neSri Lanka izodlalwa ezindaweni ezihloliwe okungeke kufane nemidlalo yasekhaya,” kusho uSmith.

Imidlalo ehlehlisiwe izodlalwa ngonyaka ozayo ngezinsuku ezisazomenyezelwa. ICape Cobras bekumele idlale neVKB Knights eKapa, kanti iDolphins ibizobhekana neWarriors ePort Elizabeth. ILions ibizogadulisana neTitans kwiJukskei Derby yokuqala eGoli.

Ngakolunye uhlangothi imidlalo yamaTest phakathi kwamaProteas neSri Lanka izoqala ngomdlalo wokuqala eSuperSport Park, eCenturion, ngoDisemba 26. Umdlalo wesibili useNew Wanderers Stadium, eGoli, ngoJanuwari 3.