Kumiswe umjaho weSpar Grand Prix eThekwini ngenxa yezibalo zeCovid

Kumiswe umjaho weSpar Grand Prix eThekwini ngenxa yezibalo zeCovid
UGlerose Xaba ewina iSpar Grand Prix Women's Series
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Uhlehliselwe isikhathi esizobuye simenyezelwe umjaho obubhekwe ngabomvu (Spar Grand Prix Women’s 10km Series) obuzoba seThekwini ngeSonto. Ngokusho kwabahleli, lo mjaho ukuzoze ube ngasekupheleni konyaka.

Ukubheduka kwehlandla lesithathu leCoronavirus yikho okwenze kuphunywe nesinqumo sokuwuhlehlisa lo mjaho obubhekwe ngabomvu.

Izibalo zabatheleleka ngaleli gciwane eliyingozi zikhula mawala kuleli ikakhulukazi eGauteng. Kodwa ke yize lo mjaho bewuzoba seThekwini, ubuzogijinywa abasubathi abaphuma ezindaweni ezihlukene, okukhona kuzo nayo iGauteng.

Isikhulu sakwaSpar, uMike Prentice sithe lesi sinqumo akubanga lula ukusithatha, kodwa yinto obekufanele ngoba kubhekelelwa ukuphepha kwabasubathi.

“Siyazi ukuthi abasubathi sebekujahile ukubuyela ekuncintisaneni ukuze bahole imali. Kodwa ngokubheka ukuqina kwehlandla lesithathu leCoronavirus eNingizimu Afrika, sibone ukuthi kufanele singaqhubeki nalo mjaho njengamanje.

“Iningi labasubathi abaphambili kuleli bahlala eGauteng la isimo sibucayi kakhulu khona. Kukhona nabasubathi abavela kwamanye amazwe abebezofika kuleli bezogijima lo mjaho.

“Sibeke izimpilo zabantu phambili, sikhathazekile ngokuphepha kwabasubathi nezikhulu,” kusho uPrentice.

“Sisazimisele ukuqhubeka nemijaho yeSpar Grand Prix kulo nyaka, kodwa kuphela uma isimo sesingcono, sekuphephile.”

Funda nala: Owayedlala kwiChiefs uyixwayisa ngokuhlala emuva uma seyidlala neWydad

Umengameli wenhlangano eyengamele ezokusubathakuleli, uJames Moloi uthe kubuhlungu ukuphoqeleka ukuhlehlisa imijaho, kodwa yinto okumele yenzeke.

“Kuyishwa nje ukuthi ukuhlela kwethu kulezi zinsuku kuncike ekutheni isimo seCoronavirus sinjani ngaleso sikhathi. Izimpilo zabantu yizo ezimqoka kunayo yonke into.

“Sikuqaphelile okushiwo nguhulumeni wasGauteng ngokuthi zizonyuka izibalo zabantu abatheleleka ngaleli gciwane kula masonto amabili ezayo.

“Sibe sesibona ukuthi ngoba iningi labagijimi bethu baqhamuka khona eGauteng, kumele sivikele abantu simise lo mkjaho waseThekwini.

“Leli hlandla lesithathu libucayi kakhulu futhi selenze umonakalo la selifike khona. Kumele siphile,” kusho uMoloi we-Athletics South Africa.
EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.