KUMNYAMA PHAMBILI: imidlalo emithathu elandelayo yeChiefs

KUMNYAMA PHAMBILI: imidlalo emithathu elandelayo yeChiefs
UKhama Billiat
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Njengoba seyidliwe kabili, yadlala ngokulingana kabili, yabe seyiwina kanye nje vo emidlalweni emithathu, inqola ibukeka ingayi lapho kubhekwe khona kwiKaizer Chiefs.

Ngokujwayelekile, amaqembu ayihlukanisa izigaba zemidlalo emihlanu imidlalo bese izibekela inani lamaphuzu elifuna ukuwathola kuleso naleso sigaba.

Kulesi sigaba sokuqala, iChiefs kufanele ukuba isale kude esibalweni samaphuzu ebizibekele wona.

Emaphuzwini angu-15 ebingawathola kule midlalo yokuqala emihlanu, iChiefs iqoqe amahlanu kuphela, yalahla ayishumi.

Lokhu kuyishiya endaweni ka-13 kwilogi yeDStv Premiership kanti iqhele ngamaphuzu ayisishiyagalombili endaweni yokuqala okuhleli kuyo iMamelodi Sundowns. 

Yingakho ke imidlalo emithathu elandelayo ibalulekile njengoba izocacisa ukuthi ngabe iChiefs izongena yini embangweni wesicoco noma izophinda esangesizini edlule. 

Lapha ngezansi sihlaziya le midlalo emithathu elandelayo ezocacisa ukuthi uStuart Baxter ubhekephi naleli qembu: 

1. v AmaZulu FC ekuhambeni ngoMgqibelo

Ukuhlaziya: Njengayo iChiefs, AmaZulu abhekwe kakhulu ukuthi azomisa kanjani kule sizini njengoba yenze kahle ngedlule.

Futhi njengalo leli qembu laseSoweto abazobhekana nalo ngoMgqibelo, Usuthu luyiqale ngebatha iligi kanti asaqoqe amaphuzu ayisithupha kuphela emidlalweni emihlanu.

Kodwa okwehlukile ngamaZulu wukuthi wona abukeka esengena efomini njengoba eseshaye amagoli ayisithupha emidlalweni yawo emithathu edlule. 

Umpumela onngase uvele: Izohlulwa iChiefs

2. v Chippa United ekhaya ngo-Okthoba 16

Ukuhlaziya: IChippa isesimweni esibi ngokufanayo neseChiefs kanti uma kubhekwa umlando weqembu, kufanele ukuthi isimo asisesihle kubaphathi.

Inkinga ngalokhu wukuthi kuyazwela naseqenjini lilonke bese ingcindezi isinda kakhulu okwenza kungabe kusadlaleka kahle.

Kodwa ke uGavin Hunt umakadebona futhi cishe uyazi ukubaluleka kokwenza kahle kwiChiefs ukubuyisa ukuzethemba kubadlali nakubaphathi.

Futhi njengoba iChiefs cishe izobe kade ishayiwe emdlalweni wayo odlule, iyobe seyingaphansi kwengcindezi enkulu kakhulu. 

Umphumela ongase utholakale: Zizobambana

FUNDA NALA: UDladla ubafuna embizweni yamaqiniso abadlali beSwallows

3. v SuperSport United ekuhambeni ngo-Okthoba 24

Ukuhlaziya: ISuperSport ingelinye lamaqembu asefomini futhi awashaya kalula nje amagoli kule sizini.

Umgadli wayo uThamsanqa Gabuza usefomini enhle futhi uyaziwa ukuthi uyakuthanda ukubhakuzisa inethi uma ebhekene neChiefs ayekwenza nangesikhathi esekwi-Orlando Pirates. 

Lona kuzoba wumdlalo onzima kakhulu kwiChiefs ikakhulukazi uma imidlalo yayo engaphambi kwawo ingeke ihambe kahle. 

Umphumela ongatholakala: Izoshaywa iChiefs

Umhlahlandlela: Ngokubona kwethu, isimo sizobe sesisibi kakhulu kwiChiefs ngemuva kwale midlalo njengoba izobe isasengasemsileni. 

Lokhu kuzoyoyifaka ingcindezi enkule bese kuba wukuthi abaphathi sekumele bathathe izinqumo ezinqala ikakhulukazi ngomqeqeshi. 

Inkakha yeChiefs uNtokozo “Koloba” Sikhakhane ithe kumele uBaxter abekelwe umbandela wokujika izinto kule midlalo.

Uma ehluleka kulokho aqoqe amasakana akhe bese ekhonjiswa isango angena ngalo eNaturena.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *