Kunconywa inhlonipho kuDijana omangazile ewina iComrades

Kunconywa inhlonipho kuDijana omangazile ewina iComrades
U-Edward Mothibi nompetha weComrades Marathon uTete Dijana
Alfred Ngubane

U-Edward Mothibi owawina iComrades Marathon ngo-2019 ukhombise ukungabi namona efaka uzakwabo uTete Dijana umfuth wokuthi naye awunqobe lo mjaho ngo-2022.

Exoxa neMpempe ngemuva komjaho wanonyaka ngeSonto, uMothibi umncome kakhulu uDijana ngokuhlionipha kwakhe amacebo abebemcebisa ngawo besazilungiselela nangesikhathi somjaho.

“Kunomlayezo engimnike wona kusaphele amakhilomitha ayishumi siqalile ukugijima ngoba ngizwa sengathi mina amandla ayancipha.

“Ngimtshele ukuthi akahambe impela engabe esazikhathaza ngathi sesiyoficana khona phambili eMabhida ngemuva komjaho,” kusho uMothibi.

Abagiimi benhlangano eyodwa bavamise ukusizana, bahambisane ukuze bagqugquzelane uma kuba khona okhathalayo noma oba nenkinga.

Kodwa uMothibi uthi bona babone kungcono bengamphazamisi uDijana ngoba bebembona ukuthi unamandla futhi angagcian ewunqobile lo mjaho. UMothibi ugcine engene endaweni yesibili.

Ubegijima iComrades okwesithathu njengoba eyiqale ngo-2018 la akangena khona endaweni yesine kwehliwa.

FUNDA NALA: Kukhona iqembu laphesheya elinyoyobela u-Ofori wePirates

Kuthe ngo-2019 wayinqoba kanti ngo-2020 wangena endaweni yesibili. Nguye ongukaputeni weNedbank Running Club ngaphansi komqeqeshi uDavid Adams eNorth West lapho bezinze khona.

Leli qembu lizidlele amahlanga emiklomelweni njengoba kungene abasubathi abane kwabokuqala abayishumi abangene phambili.

Babe bathathu esigabeni sabesilisa kwaba noyedwa kwabesifazane. Leli qembu lenza kanjena nje kuthe ngesikhathi seCovid-19 ladiliza inqwaba yabasubathi ukwehlisa izindleko.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *