Kunconywa uWilliams oevimba nempukane kuwina iDowns

Kunconywa uWilliams oevimba nempukane kuwina iDowns
Unozinti weMamelodi Sundowns uRonwen Williams
Sbongs Gumbi

URonwen Williams ukhombisile ukuthi akayele ukuyohola imali bese ekhuhla ibhentshi kwiMamelodi Sundowns ngendlela avimbe ngayo bewina umdlalo wokuqala kwiDStv Premiership.

ISundowns ishaye iCape Town City ngo 2-0 eCape Town Stadium ngoLwesihlanu kusihlwa kanti uWilliams ubedlala okokuqala kuleli qembu.

UWilliams ujoyine iSundowns esuka kwiSuperSport United emavikini ambalwa edlule. Abaningi bebebona sengathi uzigxoba umphambili, bebona engeke alibone elidlalayo kuDenis Onyango.

Nokho abaqeqeshi bakhombise ukumethemba lo nozinti ongukaputeni weBafana Bafana, bamqalisa lo mdlalo.

Ekupheleni komdlalo ukushilo ukuthi ubedonswe ngendlebe ukuthi angalinge adedele igoli, futhi ukwenzile lokhoa wathi kumjabulisile.

“Ngikujabulele ukuthi ngidlale umdlalo wami wokuqala futhi ngingangenelwa goli kanjeba besiyalelwe,” kusho uWilliams.

Nomqeqeshi wakhe uManqoba Mngqithi umncomile, wathi ubasindisile ezimweni la iCity beyisho khona ukubajuqa.

“Udlale kahle kakhulu, kumele ngikusho lokho. Amabhola amavimbile asisizile ukuthi singalahlekelwa yilo mdlalo.

“Ukwazile ukuvimba kahle amabhola abebewagoba nabeqhamuka eza ebhokisini,” kuchaza uMngqithi. Ukhale nangokuthi iSundowns beyingebukhali ngendlela efanele phambili.

FUNDA NALA: UBilliat uyawenukela umsebenzi wokukhulisa abasebancane kwiChiefs

Amagoli ewine ngawo angene ngesiwombe sisibili. Elokuqala lishaywe u-Aubrey Modiba, elesibili leza noThemba Zwane obengukaputeni.

“Umdlalo bewushibile impela futhi zombili bezifuna ukuwina. Obekushoda yikho nje ukukhahlelelwa kwepali.

“Lo mdlalo bewungawinwa noma yiliphi iqembu. Besifuan ukuwulawula kodwa bekungelula ngoba bebesixina.

“Siwakhile amathuba okushaya amagoli kodwa besingebukhali kahle phambili ngakho awasebenzisekanga ngendlela efanele,” kusho yena.

ISundowns izobuyela enkundleni ngoLwesithathu seyiyobhekana neMaritzburg United ekhaya eLoftus Stadium.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.