Kunconywe uNaidoo noMadonsela be-GSport Awards

Kunconywe uNaidoo noMadonsela be-GSport Awards
UNtokozo Madonsela, Nathi Mthethwa noKass Naidoo
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Bathobeke izinhliziyo abesifazane ngesikhathi bevala inyanga ebekelwe ukubahlonipha kuleli, u-Agasti ngezinga eliphezulu kumaMomentum GSport Awards.

Umgomo walezi zindondo obekuqokwe kuzo umbhali wengosi yethu ehamba phambili uThulisile Miya, bewuthi: End of Womens Month by Celebrating Womens Excellence in Sport.

Lokhu kuchaza ukuthi bekuphethwa inyanga yabesifazane ngokuncoma abenza kahle kwezemidlalo ehlukene.

UMamaMia, okuyigama ateketiswa ngalo uThulisile, ubeqokwe kwiWomen in Radio njengoba engumsakazi owethula imidlalo yebhola bukhoma kuKhozi FM.

Bese kuwunyaka weshumi nesithupha  lezi zindondo zikhona. UNtokozo Madonsela oyisikhulu esiphezulu ekukhangiseni kwaMomentum Metropolitan Holdings nguye oveze lokhu.

Kwabaklonyelisiwe akasalanga ngaphandle uCaster Semenya ongumsubathi ohlonishwayo umhlaba wonke njengoba enqobe amahlandla amabili amagolide kuma-Olympics.

Omunye wabaklonyelisiwe nguKgothato Montjane odlala ithenisi ehamba ngesihlalo esinamasondo futhi obemele elakuleli kumaParalympics eJapan muva nje.

FUNDA NALA: Izinkunzi zaseSoweto zizobe zibheke ukuziphindiselela kwawabakhipha kwiMTN 8

UMiyanda Maseti, ogibela amabhayisikili abizwa ngeBMX uwine indondo yeSchool’s Sports Star of the Year.

UDelaine Mentoor yena ubengumqeqeshi ovelele. Nguye opheka iSouth Africa Ladies Water Polo Team.

UMadonsela nomhleli walezi zindondo, uKass Naidoo bahlonishwe ngokukhethekile ngungqongqoshe wezeMidlalo kuleli uNathi Mthethwa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.