Kungalindelwa inqwaba yamagoli koweBucs neThe Citizens

UFadlu Davids oyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates uthi uzoba nzima abazowudlala neCape Town City

SIHLE NDLOVU

Imidlalo phakathi kwe-Orlando Pirates neCape Town City ihlale inamagoli kungakhathalekile ukuthi kusuke kuwumdlalo weligi noma owomkhumulajezi.

Kungalindeleka okufanayo uma la maqembu esetholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ngo-5 ntambama.

IPirates igcine ukungena enkundleni ngesikhathi ishaya Uthongathi FC ngo 1-0 emdlalweni weNedbank Cup Last 32 ngempelasonto. Ngakolunye uhlangothi iThe Citizens idlulele kwiLast 16 yeNedbank Cup ngemuva kokubhaxabula iBloemfontein Celtic ngo 4-0.

Lokhu kwenza kuhlale obala ukuthi kungalindelwa amagoli emdlalweni weligi ngoLwesibili uma sekududulana iBucs neThe Citizens e-Orlando.

UFadlu Davids oyiphini lomqeqeshi kwiPirates wazi kahle ukuthi kuhlale kunzima ukubhekana neCity ikakhulukazi uma iphuma ekuwineni kahle kangaka ngempelasonto.

“Sizobhekana neCape Town City enhle kakhulu. Bahle kakhulu futhi bahlelekile uma behlasela, besebenzisa abadlali basezimpondweni. Kumele sithathe lo mdlalo njengomunye wemidlalo emikhulu esizoyidlala kule sizini.

“Sesidlale imidlalo eminingi emikhulu ezinsukwini ezimbalwa ezidlule. Umdlalo wethu weshumi lona ezinsukwini ezingu-30. Abadlali manje sebejwayele isimo sokuthi badlala umdlalo njalo ngemuva kwesinzuku ezimbili. Umdlalo womkhumulajezi uhlukile, futhi usudlulile manje. Sibhekene neqembu elihle elifana neCape Town City kodwa abadlali bakulungele ukuthola amaphuzu amathathu,” kusho uDavids.

KwiPirates kuzobhekwa abadlali abafana noVincent Pule noGabadinho Mhlango ukuthi bayisize ekuhlaseleni nokuthola amagoli. KwiCity bazobheka oCraig Martin noFagrie Lakay ukuthi bahluphe izitobha zeBucs.

Ukuwina kweBucs kuzoyenza ilingane neSuperSport United neSwallows FC, abanamaphuzu angu-28 endaweni yesibili neyesithathu. IThe Citizens yona ukuwina kungayibeka endaweni yesine ngamaphuzu angu-26.

Email: sihle@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *