Kungani kungelula iPSL ivulele abalandeli njengamanje: sibheka izizathu

Kungani kungelula iPSL ivulele abalandeli njengamanj: sibheka izizathu
Abalandeli bebhola
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IPSL (Premier Soccer League) ibe ngongoma uyayona kuleli viki ngesikhathi inqamula ukujabula okuqale ngokuvela kokuthi kungase kuvulelwe abalandeli emdlalweni weBafana Bafana.

Lo mdlalo weBafana uzoba seFNB Stadium ngoLwesibili kanti izobe ibhekene ne-Ethiopia kuhlungelwa ukungena kwiNdebe yoMhlaba ka-2022.

Umnyango wezempilo uhlangene neSafa baveze ukuthi kuzovivinywa ukulungela kwelakuleli ukubuyela ezinkundleni kwabalandeli ngawo lo mdlalo.

Kube sekuqubuka namahlebezi okuthi nePSL izobadedela abalandeli babuyele ezinkundleni, kuqale ngomdlalo weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngoNovemba.

Kodwa kuthe kusetshiswa lezi zindaba iPSL yabe seyikuvez aukuthi yona ayikezukwenza lokho.

Ithe njengoba kusenemigomo yokuvalwa kwezwe kwesigaba sokuqala nje, ngeke ikwazi ukuvumela abalandeli ngoba imithetho ayivumi.

Ekhuluma ngalokhu u-Irvin Khoza kuKhozi FM, uthe bazozwa kahle ngoLwesihlanu uma umnyango wezempilo sewumemezela ngokuzeokwenzeka.

FUNDA NALA: Kuzovivinywa ngoweBafana ukubuya kwabalandeli ezinkundleni

Kodwa uma kungajiki lutho, ngeke abalandeli bavunyelwe. Lapha sibheka izizathu ezenza ibe madolo nzima iPSL nokuthi kungani kuzowagqilaza amaqembu ukuvumela abalandeli manje.

  1. Uma iqembu lizovumela abalandeli nejngamanje kusenemithetho yokufakwa kwezifonyo nokuqhelelana, kuzomele  athole abaqaphi abazoqinisekisa lokhu.

Lokhu kusho ukuthi kumele amaqembu angene ephaketheni akhokhele lezo zindleko zabaqaphi ekubeni kuzobe kungavunyelwe ukuthi igcwale inkundla.

Ngenxa yalokho, iqembu ngele lenze mali ngabalandeli abazongena enkundleni okuzokwenza kube yizindleko ezengeziwe ezingenasidingo.

2. Kuzomele kuqinisekiswe ukuthi abantu abavunyelway ukungena enkundleni ngasebegomile kuphela okuzodinga kwengezwe isibalo sabaqaphi futhi.

Laba phela yibo abazobheka amakhadi omgomo umlandeli esangaphandle engakangeni nokuqinisekisa ukuthi abekho abaqoqana ngaphandle kwenkundla.

Lezi zindleko zizosinda emaqenjini avele azidonsela kanzima ngokwezimali kanti njengoba okwamanje kungeke kuvunyelwe ukuba izinkundla zigcwale akulula amaqembu avume.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.