Kungase kucace ngazodlulela kweyandulela owamanqamu kuCurrie Cup

Sihle Ndlovu
Uya ngokushuba umbango wamaqembu amane azozibekisela indawo kwiCarling Currie Cup eqhubekayo eNingizimu Afrika.
Njengamanje eqhulwini kuhleli iVodacom Bulls ngamaphuzu awu-33, kulandele iCell C Sharks ngawu-28. Endaweni yesithathu kuhleli iDHL Western Province ngamaphuzu awu-26, bese kweyesine kube yiXerox Lions ngamaphuzu awu-25.
Imidlalo yangempelasonto ingase icacise ukuthi yimaphi amaqembu azodlala kweyandulela eyamanqamu njengoba iToyota Cheetahs, esendaweni yesihlanu, isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiLions. ICheetahs kumele iwine nakanjani uma isibhekene nePhakamisa Pumas, eMombela Stadium, ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku.
Ngaphandle kokuwina lapha iCheetahs izothandazela ukuthi iLions ishaywe njengoba izobhekana neSharks e-Emirates Airlines Park, ngoMggqibelo ngo-7 ebusuku. Nokho wonke amaqembu ayazi ukuthi kunzima kangakanani ukushayela iLions esibayeni sayo.
Ngemuva kwemidlalo yangempelasonto amaqembu azobe esesalelwe yimidlalo emithathu ngaphambi kokuthi kuhlaluke azoyibamba kweyandulela owanqamu. Le midlalo (eyandulela owamanqamu) izodlalwa ngoJanuwari 15 no-16, bese kuthi owamanqamu ube ngoJanuwari 23.
Njengamanje kubukeka sengathi amaqembu azobanga indawo kowamanqamu yiBulls, Sharks, Western Province neLions.
Imidlalo yengampelasonto yeCurrie Cup:
NgoLwesihlanu:
Phakamisa Pumas v Toyota Cheetahs (Mbombela Stadium, 7pm)
NgoMgqibelo:
Tafel Lager Griquas v Vodacom Bulls (Tafel Larger Park, 4.30pm); Xerox Lions v Cell C Sharks (Emirates Airlines Park, 7pm)