UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
Kungenzeka kushone ilanga langoMgqibelo iBloemfontein Celtic seyinomnikazi omusha okunguShauwn “MaMkhize” Mkhize.
Lokhu kulandela ukuthola kweMpempe ukuthi udaba lokudayiselana kukaMaMkhize noMax Tshabalala luzofakwa ezithebeni emhlanganweni wezikkhulu zamaqembu.
Lo mhlangano webhodi lePremier Soccer League (PSL) uzokuba ngoMgqibelo. Izindaba zokudayiselana kukaMaMkhize noTshabalala zivele ngoLwesihlanu ekuseni.
Kuvele nokuthi uMaMkhize usevele usenaye umuntu azomdayisela isitifiketi sakhe sokudlala kwiGladAfrica Championship.
Kuthiwa uzosinika uLawrence Mulaudzi lo owayephethe iTshakhuma Tsha Madzivhandila ngesikhathi ithenga iBidvest Wits.
FUNDA NALA: U-Anas uthi uzoncela ulwazi kuBartlett kwiTS Galaxy
Kuzoncika esinqumweni sebhodi lePSL ukuthi liyavuma yini ukuba lokhu kudayiselana kuqhubeke. Impempe ithole ukuthi kunomdlali obekumele avuselele inkontileka neCeltic kodwa wanxuswa ukuba ame.
“Ngeke ngilisho igama lomdlali kodwa owaKwaZulu-Natal. Utshelwe ukuthi akangajahi ukusayina inkontileka ngoba kusangenzeka kujike izinto iCeltic idayiswe,” kusho umthombo.
Sesiside isikhathi iCeltic idonsa kanzima ezimalini kanti Impempe ithole ukuthi uTshabalala useyivumile induku wathi ziyamnetha.
Yingakho esegcine eqoke ukuthi avele alidayise leli qembu elinabalandeli abaningi futhi abalithandayo. Akukacaci ukuthi uMaMkhize uzolishintsha yini igama.