Kungase kuphoxeke izingqwele ezithenjiwe kwiCurrie Cup nonyaka

Kungase kuphoxeke izingwele ezithenjiwe kwiCurrie Cup nonyaka
UDADA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Amaqembu ahlonishwayo ebholeni lombhoxo eNingizimu Afrika angase azithole esala ngaphandle emidlalweni yomkhumulajezi kwiCurrie Cup ka-2021.

Njengoba sezihubela sakusha nje emidlalweni yeCurrie Cup iDHL Western Province, Sigma Lions neToyota Cheetahs bazithola bengamile kahle neze kwilogi.

Wonke la maqembu aseke awuwina lo mqhudelwano phambilini kusukela ngo-2015. Nokho angase asale ngaphandle njengoba sekusele kancane kugoqwe imidlalo yamaphuzu.

Kulokhu izinto zishintshe kakhulu njengoba amaqembu abenganikwe lutho, iNew Nation Pumas neTafel Lager Gruiquas, kuyiwona asethubeni elihle lokudlala kweyomkhumulajezi.

Ngempelasonto akuhambanga kahle kuwona wonke la maqembu amathathu, kanti kube yiWestern Province kuphela ezabalaze yaze yadlala ngokulingana.

IWestern Province ibambane nePumas ngo 40-40 ngempelasonto, kanti ibisanda kuphuma esibhaxwini sika 34-13 esithole kwiVodacom Bulls ngoJulayi 30.

ICell C Sharks ithele usawoti esilondeni ngesikhathi ishaya iCheetahs ngo 38-31 ngeSonto. Kulo mdlalo iCheetahs izenzele phansi ngokuthola ikhadi elibomvu ekuqaleni kwesiwombe sesibili.

Kuphinde kwapheda futhi kwiLions ngempelasonto ngesikhathi ithelwa isibhaxu sika 48-21 yiBulls. ILions ibisanda kubambana ngo 44-44 neCheetahs ngo-Agasti 11.

Njengamanje iBulls iyona ezihola phambili, bese kulandele iSharks esendaweni yesibili. Endaweni yesithathu kuhlezi iPumas, bese kuba yiGriquas endaweni yesine.

IWestern Privince isele ngemuva ngephuzu kwiGriquas njengoba sekusele imidlalo emithathu kuphela, kanti isele ngamabili kwiPumas.

OkweLions neCheetahs kuthanda ukuba nzima kakhulu ngoba bazithola besendaweni yesithupha neyesikhombisa ngokulandelana.

FUNDA NALA: UBaxter uyibona isazoba yingozi enkulu iChiefs uma seyihlangene kahle

Okunzima ngeLions ukuthi isalelwe imidlalo emibili kuphela. ILions izobhekana neWestern Province ngoLwesithathu emdlalweni okubhekeke ukuthi uvuthe bhe.

Izobe seyibhekana neSharks emdlalweni wayo wokugcina ngoMgqibelo. Ngawo uLwesithathu kuzotholana phezulu iPumas neBulls eMbombela Stadium, ngo-2.30 ntambama. ICheetahs yona izodudulana neGriquas eToyota Stadium, ngo-4.45.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.