Kungisizile ukujoyina iRoyal AM, kusho uMacuphu

UMxolisi Macuphu
Sihle Ndlovu

Ubona kuze nezibusizo ukujoyina iRoyal AM, uMxolisi Macuphu, oshaya into ecokeme selokhu efike kwiThwihli Thwahla.

UMacuphu ufike eqenjini likaShauwn “MaMkhize” Mkhize, esuka kwiTS Galaxy ngesikhathi kuvulwe iwindi lokushintshana ngabadlali ngoJanuwari.

Izinto zifike zamhambela kahle kuleli qembu njengoba elishayela amagoli abalulekile. Emidlalweni emihlanu edlule ushaye amagoli amane nokumenze wakhala wemuka nomklomelo iDStv Player of the month kaFebhuwari noMashi.

“Kube yinto enhle kakhulu kimina ukujoyina iRoyal AM. Ngicabanga ukuthi ukusebenza kanzima sekuthela izithelo ezinhle manje,” kusho uMacuphu.

“Ukwesekwa engikuthola ethimbeni labaqeqeshi nosihlalo wethu, kuhle kakhulu. Nabadlali abahle esinabo eqenjini bayangigqugquzela, ngiyajabula kakhulu ukusebenzisana nabo.

“Abadlali abafana noVictor Letsoalo, odlalela neqembu lesizwe, noKabelo Mahlasela, balusizo kakhulu kimina. Labo abadlali abanamava kakhulu kwiPSL, futhi benze ukuza kwami lapha kwaba yinto elula.”

UMacuphu useshaye amagoli ayisikhombisa emidlalweni yeDStv Premiership, nokumenza abalwe nabadlali abangalibheki ipali kule sizini.

Lo mdlali uzobheka ukwengeza emagolini akhe uma sebevakashele iTS Galaxy, okuyiqembu lakhe elidala, ngoMgqibelo, ngo-3 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.