Kunqabe uMasuluke iTshakhuma ifuna ukukhala yemuke namaphuzu

U-Oscarine Masuluke

SIHLE NDLOVU

Idedele ithuba lokushovela phansi iKaizer Chiefs kwilogi yeDStv Premiership, iTshakhuma Tsha Madzivhandila ebambane neBaroka FC ngo 0-0 ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibili ntambama.

Leli qembu eliqeqeshwa nguDylan Kerr, elisanda kuwina iNedbank Cup, lithole inqwaba yamathuba okushaya amagoli kulo mdlalo kodwa lahluleka lancama. Ukuwina kweTshakhuma bekuzoyinyusela endaweni yeshumi lapho kuhleli khona iChiefs ezabalazela ukungena kwiTop 8.

Ngakolunye uhlangothi iBaroka ibizoqinisa indawo kwiTop 8 ukube iwinile. Njengamanje ihleli endaweni yesishiyagalombili kodwa ayimile kahle ngoba iTS Galaxy esendaweni yesishiyagalolunye isalele emuva ngemidlalo.

Unozinti weBaroka FC u-Oscarine Masuluke nguyena obesebenza kanzima kakhulu ngesiwombe sokuqala, ephunga amabhola amabi abeza neTshakhuma. Bekubhoke uCelimpilo Ngema kodwa wehluleka wancama ukwenza uMasuluke ukuthi alilande enetheni.

Ngaleso sikhathi unozinti weTshakhuma uWashington Arubi ubezipholele nje emapalini akhe, kungathi useholidini uzijabulele emabhishi aseJamaica. Umdlalo uye ekhefini zibambene ngo 0-0 yize bekumele ngabe iTshakhuma ibisinalo igoli ngendlela ebihlasela ngayo.

Ngesiwombe sesibili umdlalo uqale kungacaci ukuthi uya ngakuphi, womabili amaqembu edavuza ndawonye nje. Lokhu kwenze ukuthi uMasuluke no-Arubi bangazitholi besebenza kanzima emizuzwini eyishumi yokuqala yesiwombe sesibili.

UMasuluke uze wavimba ibhola elinzima ngomzuzu ka-73, futhi bese kucaca ukuthi womabili amaqembu abengafuni ukwenza amaphutha emuva. Nangomzuzu ka-77 uMasuluke uyisindisile iBaroka evimba ibhola ebeligotshwe nguBrandon Theron.

Ukube akalithintanga leli bhola belizowela kumdlali weTshakhuma alibeke phakathi kalula. Ngasekugcineni iTshakhuma ibilokhu iwathola amathuba kodwa imfice eyilindile uMasuluke ogcine esethetha ngendlela akade ebhamazeka ngayo phansi evimba amabhola anzima.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.