Kunqobe iSpurs, kwagiya iRichards Bay

UMpho Kgaswane

OKADONGA GUMBI

Ukushaywa kweSekhukhune United kufanele ukuthi kubajabulisile abeRichards Bay kwazise kubanika isikhadlana sokuohefumuka kwazise leli qembu laseLimpopo yilo ebelibahleli entanyeni emjahweni wesicoco seGladAfrica Championship.

Ukuhlulwa kweBabina Noko kusho ukuthi iNatal Rich Boyz ayisuki esicongweni sale ligi futhi kwenyusa amathuba ayo okusidla isicoco esiqinisekisa ukuthi izodlala esigabeni esikhulu sebhola kuleli ngesizini ezayo uma isinqobile.

Njengananje leli qembu likaSimo Dladla seliqhele ngamaphuzu amathathu kulawo alixinile kanti lisenomdlalo eliwugodlile, okungathi uma liwina linyuse igebe kube ngemalaphuzu ayisithupha.

Ukwehlulwa kweBabina Noko bekungakindelekile kwazise iSpurs – ebesaziwa nge-Ajax Cape Town ngesizini edlule – idonsa kanzinyana kule sizini.

Ngaphambi komdlalo wala maqembu obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, iSpurs beyisendaweni yesibili ukusuka emsileni. Ayisukanga nokho kule ndawo kwazise ibisisele kakhulu kwamanye amaqembu.

Kube yigoli likaMpho Kgaswane alishaye ngomzuzu ka-72 elivove iSekhukhune yonke inkani. Lo mdlali odabuka eBotswana udonse intambo ekude, lamudla unozinti weBabina Noko.

Lokhu kuwina emdlalweni onzima kanje kuzoyinyusela ukuzethemba iSpurs, okuyinto ekudongayo uma izogcina ikwazile ukuvika izembe.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.