Kuntwela ezansi kwiRichards Bay ngokungena kwiPremiership

UKamohelo Mabua weRichards Bay

OKADONGA GUMBI

Sekusele imidlalo emine okumele iRichards Bay ingalenzi iphutha kuyo, bese iqinisekiswa njengeqembu elizongena kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

Leli qembu likaJomo Biyela, eliphekwa nguSimo Dladla liseqhulwini kwiGladAfrica Championship, kanti linegebe lamaphuzu amabili.

INatal Rich Boys ibukhombisile ubuqhawe nokuzimisela kwayo ibuya kade seyilandela ngemuva kwi-University of Pretoria kwaze kwakabili, yagcina iwine ngo 3-2.

AmaTuks azibeke phambili ngomzuzu weshumi kulandela ukubekelwa iphenathi kade kuwiswe uSingkhi Mpedi ebhokisini leBay.

USamuel Julies – owake wagijima kwiMamelodi Sundowns – wayibeka enethini. Nokho ayizange ithole nethuba lokujabula njengoba ilisuse yaqonda ngqo iBay, uBayzel Goldstone wayolibeka enethini.

UTumisang Mashele uphinde wabeka izivakashi phambili sekubalwa imizuzu embalwa kuyiwe ekhefini.

Kodwa nalapho abazange babe nesikhathi eside behamba phambili. Kuthe kusenemizuzu eyisishiyagalombili kubuywe ekhefini, uThabani Dube wabiyisela iBay emdlalweni.

UGoldstone ushaye elakhe lesibili neliqinisekise ukuthi asala wonke eMhlathuze amaphuzu ngomzuzu ka-62.

Bekuke kwaba nokusabela ukuthi seyifikelwa wukukhathala emidlalweni embalwa edlule iBay njengoba beyisilahla amaphuzu.

Kodwa ibonakala seyibuyele emgqigqweni wayo. Yindaba ehlukile nokho ezimbangini ebezilokhu ziyixine eduze iBay, iSekhukhune United esisalele emuva ngamaphuzu ayisikhombisa.

IBabina Noko, esanda kumisa u-Alex “Barnes” Bapela ongumphathi wezokuqeqesha emsebenzini esolwa ngokufuna ukulawula abaqeqeshi, seyehlele endaweni yesine kanti inamaphuzu angu-38.

Nokho ayikaphumi embangweni wesicoco esihambisana nokunyuselwa kwiPremiership. Kodwa ukubanjwa kwayo ngo 0-0 wuThongathi ngoMgqibelo kuyibambezelile.

IRoyal AM yona iqhubekile nokukhombisa ukuthi izodaza inkani kuze kuyongenwa entanjeni ibuya namaphuzu aphelele kwiSteenberg United.

NeTS Sporting ayifuni ukusalela emuva njengoba iwine kunzima ekuhambeni kwiFree State Stars. Umdlalo uphele ngo 4-3 kuwina Abantu Bemthetho.

Imiphumela: Cosmos 1 Chiefs 0; Plk City 1 CT Spurs 0; Steenberg 1 Royal AM 2; Sekhukhune 0 Uthongathi 0;
Callies 0 CT All Stars 0; Bay 3 University of Pretoria 2; FS Stars 3 TS Sporting 4

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.