Kunuka izembe kubaqeqeshi beSwallows

Kunuka izembe kubaqeqeshi beSwallows
UBrandon Truter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kungase kuphele leli viki seligcwale umoya kubaqeqeshi beSwallows FC abaphikwa yimiphumela ngendlela exakile.

Njengoba Impempe yayibikile phambilini, umqeqeshi uBrando Truter wayesenikezwe umgomo wemidlalo emihlanu ukuthi aguqule isimo.

Nokho leyo midlalo ize yaphela nje iSwallows iyizwa ngenda into okuthiwa yiwini okwenza leli qembu lizithole lisendaweni yesine ukusuka emsileni.

Ukushaywa kwaleli qembu laseSoweto yiSekhukhune United ngeSonto ntambama kwenze isimo samuncu kakhulu ngokuzwa kweMpempe.

Umthombo osondelene naleli qembu uthe kuphume umlayezo oshubile ongadlile futhi ngamagama amaningi.

“Lo mlayezo uthunyelwe ngesinye isikhulu uya kwesiye, uthi nje ‘sidinga omunye umqeqeshi ngokushesha’.

“Bona bese bevele beqalile ukubhekabheka ukuthi bengathola bani uma kwenzeka kufika isikhathi sokuba bamdedele uTruter.

FUNDA NALA: Uxoshelwe ‘ukuba nebhadi’ lezembe umdlali kwiGalaxy

“Kodwa akekho abebesambone engabasiza futhi ngicabanga ukuthi bebebheke ukuthi uGavin Hunt uzobe esexhoshiwe kwiChippa United kumanje.

“Bebecuthele ukuthi bathathe yena uma kwenzeka kutholakala ukuthi akasenaqembu.

“Kodwa lokho akukenzeki lokho okwenza kudingeke basukume bahlwaye omqeqeshi ngokushesha,” kusho umthombo.

Impempe isingakuveza ukuthi igama likaClinton Larsen nalo selike lavela kwawalabo abangase bathintwe ukuthi bezokwelekelela ukujika izinto.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.