Kunzima ukuqagela ihhashi elizodla iDundee July kusho uButhelezi

Kunzima ukuqagela ihhashi elizodla iDundee July kusho uButhelezi
UMenzi Buthelezi (oguqile) ngesikhathi kwethulwa iDundee July
OkaDonga Gumbi

UMenzi Buthelezi ongusihlalo weKwaZulu Natal Rural Horse Racing Organisation uthi kuzoba nzima kakhulu ukusho ukuthi ngabe yiliphi ihhashi elizokhala lemuke nesamba esibekwe kwiDundee July.

Ikhushuliwe imali ezohamba nabaphathi behhashi elizogabavula liwashiye emuva wonke amanye njengoba seyifike kuR200 000.

Emahhashini abhekiwe kukhona uSgwebo Sentambo wasoThukela, kube khona Inxakanxaka, Trouble Kaker nePhephandaba.

UButhelezi uphinde waveza ukuthi amahhashi aphuma eMajuba District abathwalisa kanzima kakhulu.

“Kodwa noma kunjalo siyaziqenya ngawo ngoba alikho ihhashi eliqhamuka kwamanye amazwe elingabashiya,” kusho uButhelezi.

Uthi Inxakanxaka kudala izinqobela imijaho emningi kakhulu lapha futhi ngeke bayishiye ngaphandle ukuthi isangawudla lo mjaho.

“Iphephandaba yihhashi eliselincane kodwa eliza ngamandla kakhulu. Liyingozi njengoba ngonyaka ofile beligijima emjahweni wesithathu njengoba selizoba emjahweni omkhulu wosuku,” kusho yena.

Kulindeleke abasiki bengqephu abaphuma ezindaweni zasemakhaya ukuthi bakhangise ngemisiko yabo kulo mjaho ophenduka umcimbi omkhulu.

FUNDA NALA: Isazoqhubeka nokuyidlalela ekuhambeni imidlalo yasekhaya iRichards Bay

Ungqongqoshe wezemidlalo nobuciko KwaZulu Natal, uHlengiwe Mavimbela uphinde wahlaba ikhwelo kosomabhizinisi bendawo ukuthi babambe iqhaza ekufukulweni kwalo mjaho.

Uthi uzongenisa imali elinganiselwa kuR30 million emabhizinisini angaphansi komkhandlu waseMzinyathi.

Iphini lemeya eMzinyathi, uHappyness Mchunu uthi bazoqinisekisa ukufukula lo mdlalo wamahhashi nojokhi bendawo bathole ukucijeka amakhono abo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.