Kuphele amagama uMokwena encoma uShalulile weSundowns

Kuphele amagama uMokwena encoma uShalulile weSundowns
UPeter Shalulile
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uswele imilomo eyizinkulungwane waphelelwa amagama kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena encoma umgadli waleli qembu uPeter Shalulile.

UShalulile ubelokhu eyiphela endlebeni ezotobheni zeKaizer Chiefs emdlalweni weligi ngempelasonto yize kade icindezelekile iSundowns kulo mdlalo obuseLoftus Verseveld.

Ushaluze waze walishaya igoli uShalulile kanti yilo eliqansise kakhulu intaba kwiChiefs njengoba lenze kwaba ngu 2-0 egcine iwine ngawo iSundowns.

“Uthi usuphelelwe yizinhlamvu, aqhamuke esenamandla ongawazi avelaphi,” kusho uMokwena ngoShalulile.

UShalulile ubeshaluza nje ubekade esanda kubuya eqenjini lesizwe langakubo iNamibia kanti bekulindeleke ukuthi akhathale kodwa lutho.

“UPeter ungumdlali obeka iqembu phambili. Uyazinikela ukuze kusizakale iqembu. Sihlale sisho ukuthi uma nje yena esayizebenzela ngokuthembeka iSundowns konke kuzolunga.

“Siyamethemba njengabo bonke abanye abadlali. Siyazi ukuthi ngeke agcine nje ngokusishayela amagoli noma ukwakhela ozakwabo amathuba.

FUNDA NALA: UMakhaola uthi sekusele kancane izinto zilunge kuMaZulu adonsa kanzima

“Kodwa wengeza okuningi. Indlela angena ngayo ezikhaleni, indlela adonsa ngayo izitobha avulele ozakwabo indlela.

“Uyakwazi nokuvimba ukuthi izitha zingayiqali iminyakazo emuva. Ngicabanga ukuthi kumele sithole indlela yokumvikela.

“Uvele aqhubeke agijime… ejimini uma sizicija umbona ezama ukucindezela yonke indawo.

“Kumele size simkhumbuze ukuthi nabaya okumele uhlale kubo, bayeke laba abanye,” kulanda uMokwena.

Leave a Reply

Your email address will not be published.