Kuphele kabuhlungu ngamaProteas kwiNdebe yoMhlaba

UDannielle Wyatt
Sihle Ndlovu

INingizimu Afrika yenze amaphutha ezingane zisikole ngesikhathi ikhishwa yi-England kwiNdebe yoMhlaba ka-2022, emdlalweni owandulela owamanqamu eHagley Oval, eChristchurch, eNew Zealand.

Kulo mdlalo obungoLwesine iqembu laseMzansi ligcine lishaywe ngama-run angu-137, njengoba likhishwe lonke lisenze angu-156 kuma-over angu-38.

AmaProteas ashaye udaka kakhulu kulo mdlalo ngesikhathi eshwiba kwi-innings yokuqala. Kubukeka sengathi iphutha lokuqala alenzile ukuwina ithosi bese ekhetha ukushwiba.

Akukho nokuncane okuhle amaProteas akwenzile ngesikhathi eshwiba. Kunalokho adedele ama-extra angu-20, aphinde ahluleka ukukhipha uDannielle Wyatt, yize ethole amathuba amahlanu okwenza lokho.

Kube yiphutha elikhulu ke lokho njengoba uWyatt egcine enze ama-run angu-129, nokuyinto eyicindeze kakhulu iNingizimu Afrika. Omunye umdlali we-England owenze kahle uDanni Dankley ohlanganise ama-run angu-60.

I-England igcine yenze ama-run angu-293 kuma-over angu-50, kwacaca ukuthi kuzoba nzima eqenjini laseMzansi.

Iphendula iNingizimu Afrika kuphinde kwangahamba kahle neze. Kuphume izethenjwa uLaura Wolvaardt noLizelle Lee bengakenzi lutho. Nabanye bafike batatazela enkundleni basheshe baphuma.

Bese kubhoke kakhulu uSophie Ecclestone ogcine ethathe amawikhethi ayisithupha.

Ukushaywa kweNingizimu Afrika kuliqede nya iphupho layo lokudlala kowamanqamu weNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa emlandweni. Nokho uSune Luus, ongukaputeni, angaziduduza ngokuthi emidlalweni eyisishiyagalombili bawine emihlanu, owodwa wamiswa yimvula.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.